KUHLELWE indumezulu yomcimbi wokubungaza iminyaka emine kwasungulwa Intokozo FM, okulindeleke ukuthi wenzeke khona maduze nozophinde usetshenziselwe ukuvulwa kabusha kwamahhovisi alo msakazo ase-Umlazi Mega City, eningizimu yeTheku.
Ngenxa yomonakalo owenzeka ngenkathi kunezibhelu, isiteshi saphoqeleka ukuba sithuthele eSiyanakekela Rehabilitation Centre esesigcemeni sakwa-E, elokishini eMlazi. Uma sekuqediwe konke okwenziwayo, siyobe sesiphindela kule nxanxathela yezitolo.
Lokhu kuvezwe umphathi wesiteshi, uMnuz Mxolisi Ntanzi, ngenkathi isiteshi sinikelelwa abe-Unicef kanye ne-UN ngezinsiza zokusakaza ezazicekelwe phansi ngesikhathi sezibhelu. UNtanzi uthe isenzo salezi zinhlangano senze umehluko kubalaleli bomsakazo.
“Umnikelo akusiwo owethu kodwa owomphakathi. Isiteshi esomphakathi, ukuba khona kwaso kusiza umphakathi ngezinto ezehlukene.
Siyabonga kulezi zinhlangano ngezisenzele khona. Siyakujabulela ngoba sesizosakaza ngendlela ejwayelekile,” kusho uNtanzi.
UMnuz Khulekani Sibeko onguMphathi wezinhlelo kwi-Intokozo FM, uNkz Muriel Mafici oyiPhini leziThunywa kwi-Unicef, uMnuz Mxolisi Ntanzi oyiMenenja yesteshi kanye noSihle Sikhakhane ongumsakazi weJam Early Breakfast Show****






