KUPHENDULEKE imikhuleko kusomabhizinisi wesimame omncane waseMlazi eningizimu yeTheku owalahlekelwa iyona yonke impahla yebhizinisi ngenkathi kunezibhelu ngemuva kokuthi abakwaHollywoodbets bemunikelele ngokunye kwakudingayo ukuze ezokwazi ukuphinde evule ibhizinisi lakhe.
UNks Zamanguni Mzimela ongumnikazi weNtando Gas esebenzela ePhilani Valley Shopping Centre, usizwe iHollywood Foundation ngaphansi komkhankaso wayo iHope Is Power eyasungulwa ngenhloso yokulekelela izinhlangano nosomabhizinisi abadonsa kanzima ngenxa yezizathu ezehlukene. Echaza ngeNtando Gas, uMzimela uveze ukuthi leli ibhizinisi lomndeni elaqalwa ubaba wakhe ngo-2015. Uthe umndeni wakhahlamezeka kakhulu ngokwenzeka, futhi isimo sibe nzima ngoba ubuthembele kulo leli bhizinisi elagcine lingasenzi mali ngenxa yokucekelwa phansi kwempahla.
“Sigcwalisa siphinde sithengise izinhlobo ezehlukene ze-gas, kanjalo nemkhiqizo esebenzisa i-gas. Besidinga kakhulu ifenisha kanye nayo-igas. Sibonga kakhulu kwabakwaHollywoodbets, nabasebenzi bethu ababili sebazokwazi ukunakekela imndeni yabo,” kusho uMzimela.
UMnuz Siyanda Ntenga onguMsunguli weNtenga Foundation esebenzisana kakhulu neHollywood Foundation kulolu hlelo obeyingxenye yabahambise umnikelo, uthe nakuba besiza zonke izinhlobo zamabhizinisi kodwa udaba lukaMzimela lwabathinta
Ujabulele ukuthola usizo usomabhizinisi omncane waseMlazi***






