BAHLELE ukudlondlobalela kwezinye izifundazwe oeomabhizinisi ababili ababambisene ebhizinisini legaraji likaphethroli eilisebenzela eMlazi iNjize Petroleum, etholakala kwa-AA.
UMnuz Nkululeko Mkhize kanye noMnuz Kwazi Poto bathi sebefunde lukhulu ngebhizinisi lokuthengisa upethroli kusukela bengena kulo mkhakha ngo-2013. Bathengisa upethroli, udizili kanye nezinye izinhlobo zowoyela.
Amakhasimende wabo amaningi awabamatekisi, izinkampani zokwakha, abanamaloli nabogandaganda. Lokhu akusho ukuthi bathengisela bona kuphela, namalungu omphakathi ayakwazi ukuzothela kulo futhi asizakala ngendlela efanayo, eseqopheleni eliphezulu.
UMkhize uthe abakubonga kakhulu ukuthi umphakathi ubeseka ngaphandle kwemibandela ngoba kubakhuthaza ukuthi beqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla. Uthe bahlose ukudlondlobala baze bafinyelele nakwamanye amazwe.
“Siyakwazi ukuphatha amakhasimende, akekho oba nezikhalo nangokubambezeleka. Konke okuhle esikwenzayo sikufeza ngoba asifuni kube khona ikhasimende elizizwa lingaphathekile kahle. Wonke umuntu simphatha ngendlela efanayo,” kusho uMkhize.
Uthe nakuba leli bhizinisi selenza kahle kodwa bake bahlangabezana nobunzima phambilini kubo okubalwa abasebenzi ababengenzi kahle, futhi lobo bunzima bubaqeqeshe ukuthi babe ngosomabhizinisi abayibona namhlanje.
“Ubunzima busifundise okuningi nangathi njengosomabhizinisi, safunda nokuningi esasingakwazi ngale mboni. Ibhizinisi selenziwe ngendlela yokuthi alisadingi ukuthi sibe segaraji ngazikhathi zonke, seliyazisebenzela lona,” kusho uMkhize.
Weluleke abantu abasha abanesifiso sokungena emkhakheni wezamabhizinisi ukuba befunde kabanzi ngomkhakha abafisa ukungena kuwo, bangajahi imali ukwedlula ukuthola ulwazi olusemqoka oluzogcina amabhizinisi wabo esebenza isikhathi eside.
Leli garaji liku-51 Mugabe Road, lisebenza nsuku zonke kusukela ngo-4 ekuseni kuze kube u-10 ebsuku.
Baphokophele phambili osomabhizinisi abasemkhakheni ongajwayelekile kubantu abamnyama****






