AMAPHOYISA ophiko loKlebe ngokubambisana noPhiko lwamaphoyisa olulwa nobugebengu obuhleliwe kanye namaphoyisa kaMasipala waseThekwini abophe amadoda amahlanu ngemuva kokutholakala nezintambo zekhopha eMoseley Park, ePinetown, ngoMsombuluko owedlule
Ngokusho kokhulumela uPhiko loKlebe, uKaputeni Simphiwe Mhlongo, abasolwa baboshwe ngemuva kokuthola ulwazi ngamadoda alinganiselwa eminyakeni yobudala ephakathi kuka-22-no-39 okusolwa ukuthi abekhumula izintambo zekhopha eMoseley Park ePinetown.
“Amalungu aqhubekele kulezi zakhiwo ezishiwoyo baseshwa. Amaphoyisa athole amarola nezikhwama zezintambo zekhopha okungadla. Isizumbulu semali elinganiselwa ku-R600 000.00,”kusho uKapt. Mhlongo.
Abasolwa abahlanu baboshelwe ukutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanye nokulimaza ingqalasizinda ebalulekile. Silobe kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesithathu olwedlule.
Khonanamanjalo ngoMsombuluko owedlule iNkantolo yezoBugebengu obuHleliwe eThekwini igwebe abahlanu ababeyizikhulu zomgwaqo kuMasipala waseThekwini ngecala lokukhwabanisa.
Ngo-2017, amalungu oKlebe ethimba oluphenya amacala okukhwabanisa eThekwini athola ulwazi kwiRoad Traffic Management Corporation mayelana nokukhwabanisa nenkohlakalo eyenzeka esikhungweni sokuhlolela kwamalayisensi okushayela esiseMngeni, eThekwini.
Kube sekuphusnywa umkhankaso ohlanganyelwe kwatholakala ukuthi izikhulu zazisiza ababefake izicelo ukuze baphumelele ukuhlolwa kwabafundi bokushayela.
Uphenyo luveze ukuthi abahloli bebesiza abafundi ngezimpendulo ezifanele kumakhompyutha. Ngenxa yalokhu abafundi bebezophasa isivivinyo sokuhlolwa. Kuthiwa umfundi ngamunye wayekhokha imali efinyelela ku-R3000.00 ngaphambi kokuhlolwa. Abasolwa baboshwa ngoMashi 2018 kanti bavela kaningi enkantolo baze batholakala benecala lokukhwabanisa ngoNovemba nyakenye. UDumisani Nkala (52) ulahlwe amacala angu-49 okukhwabanisa wagwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili walengiselwa iminyaka emihlanu ngaphansi kombandela wokuthi angatholwa enecala lokukhwabanisa noma lokweba ngesikhathi sokumiswa. Uphinde wagwetshwa iminyaka emithathu yokuqondisa izigwegwe.
ULindiwe Xulu (46) ulahlwe ngamacala angu-158 okukhwabanisa wase egwetshwa iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele. UMeshack Ndlovu (47) ulahlwe amacala ayisikhombisa okukhwabanisa wagwetshwa iminyaka emine ebhadla ejele.
UMatthews Zondi (55) ulahlwe ngamacala angu-274 okukhwabanisa wagwetshwa iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele. UDumisani Phungula (49) ulahlwe amacala angu-15 okukhwabanisa wagwetshwa iminyaka emine ebhadla ejele.






