Isasasa ngedili lomculo wokholo eThekwini

0
112

KULINDELEKE ukuthi baphume bevuselelekile, futhi becela impinda abazobe behambele idili lomculo wokholo elizobe lihambisana nezintshumayelo kuphikelelwe emikhosini yePhasika ozokuba ngoLwesihlanu lona lolu, Ephreli1, eJewish Hall, eThekwini, kusukela ngo-6 ntambama.

Ngokusho kuka-Odilia Mngoma weCengelihle Communications & Events okuyiyona ehlele lomcimbi, i-Easter Gospel Music Extravaganza “Siye Mnqamulezwei ngamaZwi ayiSikhombisa” lona kuzobe kungunyaka wesibili wenziwa futhi balindeleke ukuthi izinga lithi ukukhula uma kuqhathaniswa nomcimbi wokuqala.

ngomumo. Futhi nabathandi bomculo sebeqalile ukuthutheleka ezikhungweni okudayisa kuzo amathikithi ukubalekela ukuphoxeka ngosuku lokugcina njengoba noMengameli Cyril Ramaphosa ephinde wathi ukuyixegisa imithetho yeCovid-19. Okunye okwenza ukuthi abalandeli bomculo wokholo bangabulali ubuthongo obehlayo ukuthi kuboshelwe izinkakha emculweni wokholo futhi kwaphinde kwaboshelwa osondonzima ezwini leNkosi. Lokhu cishe yikhona okuzokwenza ungasikhaleli isikhathi sakho sokuba yingxenye yalomcimbi.

Phakathi kwabaculi osekuqinisekisiwe ukuthi bazobe bekhona kulomcimbi uhlelo lwawo oluzobe lushayelwa uKwenzokuhle Smanga Cele, kubalwa Ntokozo Ngongoma, Thobeka Mkhize, uJumbo, uLungelo Hlongwane, uPst Sebeh Nzuza, iNUZ Voices of Joy, u-Amohelang Nkholisa kanye noReginald Jabu. Kusondonzima ezwini leNkosi kuzobe kusina kudedelana uMphostoli S Mlambo, uFr T Ngcobo, uPastor Lungi M (Apostle), uBro S Cele, u-Eva. S Gumede, uBro M Mzila kanye noPastor S Khumalo. U-Odilia ugcezelele ukuthi amathikithi aseyatholakala ezikhungweni eziwadayisayo ngemali engamakhulu amabili amarandi bese kuthi awezicukuthwane atholakale ngamakhulu amathathu amarandi. Ngeminye imininingwane Shayla u-Odilia ku-0671395964 ngezikhathi zomsebenzi.