UPHIKO lwentsha yeSouth African National Civic Organisation (SANCO), iSANC Youth Congress (Sancyo) kulesi sifundazwe izwakalisa okukhulu ukukhathazeka ngezinye zezinqumo okwafinyelelwa kuzo engqungqutheleni ye-African National Congress (ANC) ka-2017 ethi zibonakala zinyathelwa.
Lolu phiko luthi esikhundleni sokuthi kubhekwane nazo zishaywa indiva, bese kuphuthunywa lezo ezibonakala zingenasidingo, kodwa umphumela wazo lolu phiko oluwubona njengokubulala ikusasa lentsha yaseNingizimu Afrika. I-Sancyo kulesi sifundazwe ngoMdidiyeli wayo, uMnuz Thulani Gamede, ifuna ifuna iSigungu sikazwelonke se-ANC njengenhlangano eqhwakele izintambo zombuso ukuthi sicacise ukuthi ngakube kuseyi-ANC esaphethe izintambo zombuso noma sekukhona abanye abaseceleni. Lokhu ikuzwakalise embuthanweni obuhlelwe wuphiko lwentsha ye-Sanco lwaseThekwini obusehholo lomphakathi, eSiphumelele, KwaMakhutha, eningizimu yeTheku, ngoLwesithathu olwedlule. Lombuthano ubumayelana nesifundo Sokuzibophezela Komphakathi kanye Nokuthuthukiswa Kwentsha lapho uMnuz Melusi Gigaba abeyisikhulumi esiqavile inkulumo yakhe ebigxile kakhulu ezimpandeni zobumbano kumalungu e-ANC kanye nekusasa elinempilo engcono.
Enkulumeni yakhe uMnuz Gamede uqale ngokubonga lolu hlelo lwesifundo obeluhlelwe wuphiko lwentsha yeSANCO esifundeni iTheku, wathi beyiSanco Youth Congress kulesi sifundazwe bayaluncoma kakhulu uhlelo olufuze lolu olwenziwe uphiko lwasesifundeni iTheku lokuthi kube khona indlela yokuthi baxoxasane bengabantu abasha ngokuthi yiliphi iqhaza nendima abangayidlala ekutheni bathuthukisane bona bodwana beyintsha. Emyalezweni athe uwuphathiswe wuphiko lwentsha yeSANCO kulesi sifundazwe oluthe awudlulise kuMnuz Gigaba bese eyowethulela isigungu sikazwelonke se-ANC uthi, “Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi i-ANC siyazi njengenhlangano esathi engqungqutheleni ka-54 eNasrec sakhuluma kabanzi ngodaba lwemfundo yamahhala. Nebala ubaba uJacob Zuma (owayesengumengameli ngaleso sikhathi) wahamba wafike wayiqinisekisa ngoDisemba 2017, saqala sayibona ngo-2018, 2019 kuyaku 2020 okuthe lapho sesibona, ngo-2020 kwavalwa izwe ngoMashi abantwana bonke babuya ezikoleni bahlala emakhaya.
Okokuqala okusiphatha kabi ukuthi sikuqonda ukuthi iCovid ngesikhathi iqala abantwana babuyela emakhaya kwakhuphuka izikweletu zamanzi nogesi nokunye okuningi kwaphela namatoho kubazali. Sifisa uqabane Melusi Gigaba ilungu lesiGungu sikazwelonke se-ANC nowake wabanguNgqongqoshe asibuzele ku-ANC okuyona ehola uhulumeni ukuthi yini le eyenza ukuthi kube nesimo esiphuthumayo ukuthi abantwana uma sebebuyela ezikoleni ngo-2021 nakulonyaka kuthiwe imfundo yamahhala sengathi seyihlehlile, seyiphelile sebefuna bafike sebephethe imali esandleni,”kusho uMnuz Gamede emyalezweni. Uthe, “Yini le eyenza ukuthi kuqedwe imfundo yamahhala noma inhloso ukuthi kubonakale umuntu omnyama omusha engakwazi ukuthi aye esikole abe esezithola ebuyela emuva ehamba eyocela labo R350 abayinkongozelo. Kungabe yile Youth Wage Subsidy ehlale ikhuluma ngayo i-DA ngoba sibona iDA uma ike yakhuluma nje uhulumeni wenze njalo, kanti ubani obusa uhulumeni? Kuseyi-ANC noma sibuselwa ngenye inhlangano engaphandle kwe-ANC. Noma bayavuma yini ukuthi i-ANC seyibuselwa yezinye izinhlaka thina esingazazi. Sifuna beyi-NEC bathathe isinqumo esiqondile”.
Uqhube wathi, “Okwesibili okusiphatha kabi ukuthi umhlaba waseSouth Africa, namanje siyawufuna ukuthi ubuyele ezandleni zabantu abamnyama ukuze bawusebenze. Nanamhlanje awukabuyeli asazi ukuthi yini le eyenza ukuthi kungaphuthumi kangako ukuthi umhlaba ubuyele ezandleni zabamnyama okuyibona abalimi”. “Lomhlaba siyazi ukuthi awuthathwanga ngendlela okuyiyo, wathathwa ngendluzula futhi sonke siyakhumbula ukuthi akekho omuntu omhlophe owafika eSouth Africa ethwele isqeshana somhlaba. Sibuza ukuthi udaba lomhlaba lugoqwa nini. Yini ndaba kuphuthunywe ezinye izinto singamadlelandawonye esingakaze sizikhulume kodwa okuzitshwa lezi esaziqinisekisa njengokuthi umhlaba ubuye. Uhulumeni kusukela ngo-1994 uMandela engenile uDkt. Nelson Mandela eqokelwe esikhundleni sokuba umengameli) kwasetshenzwa kanzima ukuba sikwazi ukuthi sizithole siyi-African National Congress ebuyisela ithemba kubantu kukhona iBEE sayibona yahlomulisa abantu abaningi okubalwa kubo oPresident Ramaphosa oMnuz Tokyo Sexwale nabanye abaningi abahlomula kulolu hlelo,”kuqhuba uMnuz Gamede.
Uqhube wathi, bathi nabo bengabantu abasha bayafisa ukuthi bahlomule kuyona, wathi kodwa abazi ukuthi yini esiyenza ukuthi manje abe-Afro Forum babe nokuzethemba ngaphansi kukahulumeni ophethe ukuthi baye enkantolo bayo yibuyisela emuva. “Skusho ngoba siyayibona ukuthi sekuphelile ngendaba yayo (iBEEE) ngoba siyazibona izinhlaka ezisebenza ngaphansi kukaHulumeni ezinjengoTransnet seziyayisusa. “Futhi into yeBEE abantu bazi ukuthi mhlawumbe ilambisa umuntu owusomabhizinisi kanti cha ilambisa nofuna itoho nofuna ukuba yimenenja bekhona lokho kokuthi okokuqala kubalulekile umuntu omnyama kube nguyena othola ithuba lokuba yimenenja ngoba kuzanywa uqedwa kwegebe lomnotho negebe elikhona nje jikelele kwezokubambisana,”usho kanje. “Lokho kusiphatha kabi ngoba yizinto lezi ebalulekile. Sifisa ukuthi uma ke beyisigungu sikazwelonke basicacisele ukuthi basafisa yini ukuthi i-ANC iqhubeke nokuthi ibe semandleni noma kuvalwe izitolo ngoba into abayenzayo ikhombisa ukuthi basihlehlisela emuva, basicacisele ukuthi i-ANC basafisa ukuthi iqhubeke nokusiphatha noma kukhona asebesiphethe yini,”kuphetha uMnuz Gamede.
Phakathi kwabebekhona kulombuthano kubalwa usihlalo weSANCO ku-ward 4, umholi wesifunda weLesbian, Gay, Bisexual, Transgender, Queer, and Intersex (LGBTQI ) uNtuli, uSifiso Nzama usihlalo weZone weSANCO neSANCYO, uBongani Khumalo umholi weSASCO eMbumbulu Costal ophinde abe kwiTask Team ANC youth League egatsheni eliku-ward 94 kanye noWelani Mazibuko obephethe uhlelo oyiCo-Ordinator weSancyo esifundeni saseThekwini. Amakhansela uKhansela Puleng Hlomuka benoThabisile Zungu obekulindeleke ukuthi bayeuyingxenye yalombuthano abakwazanga ukubakhona ngenxa yokuxinwa yimisebenzi yoMkhandlu kaMasipala weTheku.






