Isasasa kuvulwa izikole

0
441
UThishanhloko wasesikoleni eZiphathele, eClermont uDkt. SF Mhlangu, ekanye nabafundi abafunda kulesi sikole okuvulwe izikole sekuvele kuqaliwe ukufunda. Singesinye sezikole esilwela imiphumela emihle ikakhulukazi ka-matric

KUBE nesasasa ukuvulwa kwezikole ezingxenyeni ezahlukene kulesi sifundazwe kuhlanganisa nezisentshonalanga yeTheku njengoba bezivulwa izolo ngoLwesithathu lapho ekubonakale ngemifaniswano yesikole kusukela ekuseni.

IPinetown & Hammardale Izindaba ihambele izikole ezahlukene ezisentshonalanga yeTheku ukubheka ukuthi isimo sihamba kanjani njengoba bekuwusuku lokuqala esikoleni. Ezikoleni ezihanjelwe yileliphephandaba lifice ukufunda kuqalile.

Phakathi kwezindawo leliphephandaba elihambele kuzo kubalwa ilokishi iMpumalanga ngaseHammarsdale, ePinetown, eNtshanga, eClermont, KwaDabeka, eMolweni, eTshelimnyama, eKlaarwater, KwaNdengezi, KwaNqetho, eDassenhoek, eMpola, eNtshongweni, eBotha’s Hill, eMlaba  Village, KwaSanti, eMariannridge ukubala nje izindawo ezimbalwa.

Okufike kwaphawuleka yize ngaphambi kokuvulwa kwezikole bekunovalo lobhubhane lokhuvethe, kodwa emagcekeni ezikole bekuhlonywe ngazo zonke izinto ezisetshenziswayo ngokulandela umyalelo kahulumeni, kanye nokuqhelelana kwabafundi.

Njengokujwayelekile komuntuza obekuwusuku lwabo lokuqala ezikoleni, bekuzwakala ngomsindo wokukhala emakilasini. Izikhulu zoMnyango wezeMfundo nezeminye imikhakha nazo bezihambele izikole ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi ukufunda kuhamba ngohlelo. Kwezinye izikole njengasesikoleni samabanga aphezulu eZiphathele, eClermont, okuyisikole esiphethwe, uDkt. SF Mhlangu, zivulwe nje izikole besekuvele sekuqaliwe ukufunda.