Ibhekene nezehlakalo i-DUT

0
68

AMAPHOYISA aphenya ngezehlakalo zokuhlaselwa kwezikhungo zeDurban University of Technology (DUT) eziphethe ngokthi kungqongiswe izimoto zalenyuvesi. Ezintathakusa kuthiwa iqulu labantu ababalelwa phakathi kuka-8 no-10, esikhungweni iNdumiso, eMgungundlovu lihlasele unogada esangweni labahamba ngezinyawo ngasemgwaqeni u-Edendale. Kuthiwa bacuphe endlini yakhe ibhomu likaphethiloli wasizwa ukubaleka. Lokhu kuthiwa kulandelwe ukuthi kushe izimoto zenyuvesi ezingu-9 okwenzeke ngemuva kokuba leliqulu labantu okuthiwa belihamba ngezimoto ezimbili ebezibhaliswe ngezinombolo zaseThekwini, i-ND.

Kwenzeka lokhu nje ngeledlule kungqongqiswe izimoto ezingu-4 esikhungweni eSteve Biko, eThekwini. Ukushiswa kwezimoto ezine ngoLwesibili olwedlule eSteve Biko Campus kuholele ekutheni lesi sikhungo seMfundo ePhakeme sithathe isinqumo sokuvala amakhampasi aso amathathu. NgoLwesibili, oludlule i-DUT ithe: “Ngemuva kwezinga eliphezulu lodlame nezenzo zobugebengu ezenziwa ngamanye amalungu enhlangano yabafundi ekuqaleni kwanamhlanje ekuseni (ngoLwesibili), kuzomiswa ngokuphazima kweso ukungena ophikweni lwaseSteve Biko, ophikweni iML Sultan kanye neRitson Campus eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uNqobile Gwala, ngeledlule ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseBerea aphenya icala lokucekela phansi impahla. “Kusolakala ukuthi namuhla (ngoLwesibili olwedlule) ngo-11 ekuseni iqulu labafundi lingene ngenkani ophikweni lwase-DUT lashisa izimoto ezine. Ezokuphepha zazisiwe kodwa kwangatholakala muntu,”kusho uLeut. Col Gwala. Inyuvesi nayo ikuqinisekisile ukuthi ukubhaliswa kwisizinda lwazi sayo ngeke kuthinteke njengoba abasebenzi balezi zikhungo ezintathu bezosebenza bekude. I-DUT ixwayise ngokungena ngenkani ezindaweni zokuhlala ngaphandle kokubonisana nezinhlaka ezifanele. Kubikwa ukuthi isimo sibe muncu ezintatha zangoLwesibili olwedlule, ngemuva kokuba iqulu labasolwa abalinganiselwa ku-15 bejikijele ngamabhomu kaphethiloli ebhilidini iCity Campus. Imoto yophiko lwezobulungisa eDUT nayo yashiswa ngoLwesibili olwedlule.

Ngosuku olulandelayo, 9 February, iqulu labasolwa lalimaza amafasitela angu-23 kanye nekhompyutha ngemva kokujikijela ngamatshe ebhilidini eliseCity Campus. Imoto yabasebenzi nayo ikhandwe ngamatshe endaweni yokupaka izimoto. Ngalo lolo Lwesithathu, iqulu labantu licekele phansi iminyango eyingilazi eyisikhombisa yezitolo e-DUT ophikweni iSteve Biko, kwalimala nonogada baseGate 7 kwesinye isigameko.