Ibenesasasa imidlalo ebihlelwe uSibusiso Zungu

0
107

UTHOLE okukhulu ukubongwa kusukela entsheni kuya ezakhamizini zomphakathi uMnuz Sibusiso Zungu obehlele imidlalo ehlanganisa ibhola lezinyawo labesilisa kanye nelomnqakiswano labesifazane, iSibusiso Zungu Soccer Tournament, ebibanjelwe ezinkundleni zemidlalo eTrenance Park, eMawotana ngaseVerulam, ngempelasonto ku-Ward 59 ngaphansi kukaMasipala weTheku.

Ngaphambi kokuba kuqale imidlalo ebithanyelwe yizinhlaka ezahlukene uqale ngokuthi ayonikela ngezingubo zokulala eRamkrishna Mzamo Home kanye nasehholo lomphakathi eJabulani lapho ebesizwa yiNhloko yoMnyango wezeziMali kulesi sifundazwe, uNks Carol Coetzee, iKhansela leWard, uKhansela Nkosiyezwe Mhlongo.

Ngokusho kukaMnuz Zungu, lolu hlelo luqale ezinyangeni ezimbili ezedlule. “Akubanga yinto elula ukuthola amathimu, kodwa kusebenzekile ngoba likhona ithimba ebesisebenza nalo, okubalwa kulo uNkosi Gumede okwazile ukusihlanganisela amathimu, u-Ayanda Mokoena  naye obewusizo olukhulu,”kusho uMnuz Zungu okuthe ompetha bomqhudelwano webhola lezinyawo kwaba Shooting Stars kwathi ku-netball kwaba yiDream Gals. Esewonke amaqembu abekulomqhudelwano abengu-12 (okusho ukuthi angu-6 awebhola lezinyawo, nawu-6 e-netball).

Lona be kuwumcimbi wesibili, namuhla mhlaka 13 Agasti wusuku engizalwa ngalo. Njalo uma kuwusuku lokuzalwa kwami bekuye kube nezinto esizenzayo, kodwa sacabanga ukuthi kubalulekile ukuthi senze okwehlukile, senze iTournament, siyonikela emphakathini ngesinakho noma siphume umkhankaso wokunxenxa uxhaso ukuze kusizakale labo abasuke bedinga usizo.

Siqala ngonyaka odlule, eWard 53, kulonyaka sathatha isinqumo sokuthi asikwenze eWard 59 lapho sibuke khona izisulu ezikhahlanyezwe yizikhukhula ebezikhona, ezihlala emahholo nakwezinye izikhungo.

Ngaphambi kokuba kuqale lemidlalo siqale sayonikela ngobhulankethe abawu-100 ehholo, sadlulela kwelinye ikhaya endaweni sanikela ngobhulankethe abawu-50, upende wokupenda obuhambisana namathuluzi akhona.

Ephawula ngalenyanga abenze ngayo lemidlalo uthe, ubefisa ukuthi kube nebhola labesifazane njengoba kuyinyanga yabo, kodwa lokho sebekubekele unyaka ozayo. “Ngoba kubalulekile ukuthi sibahloniphe sibanikeze uthando ngamagalelo abanawo ezimpilweni zethu ngoba singabantu besilisa ngeke sibe ngabaphelele ngaphandle kwabo. Okunye futhi kubalulekile ukuthi abafana abancane sibabize sibaqwashisa uma kunezinto ezikanje ukuze bangangeni ezidakamizweni nakokunye okuzobulala ikusasa labo futhi bazi nangokubaluleka kwabesifazane ngoba sizama ukunciphisa udaba lodlame lobulili nolomndeni,”kusho uMnuz Sibusiso Zungu.

Ubonge kakhulu iHhovisi leNhloko yoMnyango wezezemali, uNks Carol Coetzee ngomnikelo abakwukhiphile okungobhulankethe, upende nokunye, wabonga noMasipala weTheku ngesandla osifakile ukuze uhlelo lonke lube yimpumelelo.

“UMasipala weTheku usiphe namajezi esinikele ngawo kulabo abadle umhlanganiso. Eqinisweni ngiyafisa ukuthi kubekhona abasixhasayo, ikakhulukazi uMnyango wezeMidlalo, ngoba ezemidlalo ziyithuluzi elibalulekile ekunciphiseni ubugebengu nabanye osomabhizinisi bendawo ngoba lokhu akuthinti ezemidlalo kuphela kodwa yinto esithinta sonke ewusizo emphakathini,”kuqhuba uMnuz Zungu obuye wabonga ukuhlonishwa yikhansela leWard uKhansela Nkosiyezwe Mhlongo wathi lokhu kube yisibusiso esikhulu.

Ephawula uKhansela Mhlongo ngalomkhankaso kaMnuz Sibusiso Zungu uthe, “Ngithokozile kakhulu ngoba ayikho into ebalulekile ngokuzihlupha komphakathi ekwenzeni izinto ezizoletha umehluko. Uma sithi sifuna ubona abantu bephethe yingoba sifuna ukubabona beyingxenye yezinhlelo zikahulumeni futhi uhulumeni esondele kubantu kungabi uhulumeni okude nabantu”.

UNirco Mazwai unobhala weVerulam Local Football Association uthe, “Sijabule kakhulu ukubona lemidlalo ibuya futhi,. Ngicabanga ukuthi lemidlalo sayibona iba yimpumelelo kakhulu ngoba ithinta intsha ngoba ithola ukuqoqeka. Kodwa esikugqugquzela kakhulu ukuthi ngesikhathi bedlala sibuye siqaphele ukuthi bayawenza nomsebenzi wesikole”.