
UKULWA nesihlava sokusetshenziswa kwezidakamizwa amaphoyisa esiteshi saseMlazi ahambele isikole samabanga aphezulu iMakhumbuza High school beyoqwashisa ngobungozi bezidakamizwa.
Phakathi kwamaphoyisa abehambele lesikole kubalwa awophiko lwezokuXhumana, uphiko lokuLwa noBugebengu, amavolontiya ophiko lwezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi kanye nosonhlalakahle beDurban Life Line. Lo mkhankaso ubuhlose ukuqwashisa ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa kanye nokunyukubezwa kwabantu besifazane. Amaphoyisa athi abefuna ukukhuluma nabafundi bathole kabanzi ngezinselelo ababhekana nazo nsuku zonke. UKapteni Nkululeko Kweyama wophiko lokuLwa noBugebengu ukhulume nabafundi ngezidakamizwa, waveza ukuthi ziyingozi kangakanani futhi zingashabalalisa ikusasa. UKweyama uthi cishe kuzona zonke izikole aseke azihambela, uyabona ukuthi izidakamizwa ziyinselelo enkulu. Uxwayise abafundi ukuthi badlalele kude nezidakamizwa, ngoba zishabalalisa ikusasa labo, futhi bangazithola sebebhekane nengalo yomthetho. “Izidakamizwa zingaholela ekutheni wenze ubugebengu, ukuze uthole imali yokuqhubeka nokuthenga izidakamizwa. Ningavumeli izidakamizwa zishabalalise ikusasa lenu eliqhakazile,” esho. Uphinde waxwayisa abafundi ngokuthi bangalokothi baphathe izikhali eziyingozi esikoleni.
“Izikhali eziphathwa esikoleni kwesinye isikhathi zisetshenziswa uma kuqubuka ingxabano esikoleni, bese kuba khona umfundi olimalayo. Kuyicala ukutholakala nesikhali esiyingozi. Ungaboshwa bese ugwetshwa, lokho okungaholela ekutheni ubenerekhodi lobugebengu. Irekhodi lobugebengu libi ngokuthi likuvimba ezintweni eziningi, uzithole ungasakwazi ukusebenza kwezinye izindawo ngenxa yerekhodi lobugebengu,” kuchaza uKweyama. Uqhube wathi izikole indawo lapho abafundi okufanele bazizwe bephephile uma bekuyo. UKweyama ugqugquzele abafundi ukuthi banake izincwadi zabo, bangazibandakanyi nezenzo ezingalungile ezingaholela ekutheni baboshwe. Utshele abafundi ukuthi bazolokhu behambela izikole befika bengalindelwe ukuze benze isiqiniseko sokuthi abafundi banaka isikole hhayi izinto ezizobabuyisela emuva nempilo. UNks Thuli Taylor ongusonhlalakahle weDurban Life Line utshele abafundi ukuthi banakekele imizimba yabo, bangavumeli noma ubani abathinte ngendlela abangayithandi. Utshele abafundi ukuthi babikele umuntu abamethembayo uma kukhona umuntu obahlukumezayo.






