
IMIDLALO yeMeya yoMkhandlu wasoNdini ibe ithuba eliyingqayizivele lokuzibonakalisa kwezemdlalo enhlobonhlobo kubantu abasha, abadlali abebeyingxenye yayo bachaze ithuba abalitholile njengegugu nelibe igxathu lokuqala kwabazihlelele nabazifisela khona emkhakheni wezemdlalo.
Le midlalo bekungokokuqala iba khona selokhu yagcina eminyakeni emibili eyedlule ngenxa yeCovid-19. Ibibanjelwe ePrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, khona oNdini. Abadlali beqhudelana ebholeni lezinyawo labesimame nelabesilisa, itable tennis, inetball, umdanso, isibhakela, ivolleyball, ibhola lombhoxo kanye nemjaho.
Ngaphezu kokuthi le mdlalo ibihlose ukuvundulula nokuthuthukisa ikhono kwezemdlalo kubantu abasha basoLundi, isetshenziselwe nokuvula amathuba okuhweba nokusimamisa umnotho wasoNdini. Iphinde yachazwa njengendlela yokwakha ubumbano emphakathini ngokuvula ithuba lokuthi abantu bekwazi ukuhlangana bebungaze ndawonye.
Omunye wabadlali abavelele kakhulu u-Asibonge Buthelezi (16) ongunozinti ovimbela iqembu elihlulwe kowamanqamu, uthe nakuba bengaphumelelanga kodwa uthole izifundo eziningi kule mdlalo nakholwa ukuthi zizomugqugquzela ukuba egcine efinyelele ezingeni likanozinti abukela kuye u-Itumeleng Khune.
U-Asibonge uthuse abaningi ngokutakula iqembu lakhe kwimidlalo embili ilandelana ngokuvimba ama-penalty angu-3 umdlalo ngamunye. Kuphoxeke abaningi ngokunganqobi kweqembu lakhe, uZone 1, izibukeli bese zithembe ukuthi iqembu lakhe lizomlekelela kodwa abadlali baZone 1 bebelokhu begejile.
“Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngifinyelele kwisigaba esifana nalesi. Noma singanqobanga kodwa sifunde okuningi nengikholwa ukuthi kuzosenza ukuthi sibe namandla okunqoma ngonyaka ozayo. Sesinakho ukuzethemba. Esikubonile ukuthi kumele silungise amaphutha phambili, esiswini nasemuva sihlangene,” kusho u-Asibonge.
USibonelo Mabaso ongumqeqeshi weZone 5 enqobe ebholeni lezinyawo labesilisa, uthe le mdlalo ibuyisa ithemba kubantu abasha ngoba abaningi bakholwa ukuthi ezemdlalo yizo ezizoguqula isimo sasemakhaya abaphuma kuyo. Uthe bafisa engathi ingenzeka izikhawu eziningi ngonyaka ukuze kuzokhuthazeka nabanye ukuba beyingenele.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngaphambi kokuqala kwemidlalo, uKhansela Wilson Ntshangase oyiMeya yoMkhandlu wasoNdini, uthe ngale mdlalo umkhandlu uzama ukuvula ithuba lokuthuthukisa abantu abasha njengoba kusantula amathuba emsebenzi. Uthe umkhandlu uyazigqaja ngokuthi le mdlalo iyaqhubeka nokuvundulula amakhono.
“Lapha oNdini sinabadlali asebedlala kwiDSTV Premiership, kanti abanye badlala phesheya kwezilwandle. Amakhono abo aqala ukubonakala kuyo le mdlalo ehlelwa uMasipala wasoLundi. Siyazigqaja ngokuthi minyaka yonke sibonakalisa amakhono atholakala lapha oNdini,” kusho uNtshangase.
Le mdlalo ibuvuleleke kubantu abanemnyaka engu-21 kuya phansi. Abanqobile baklonyeliswe ngezindondo namamedali, bathola nethuba lokuyomela uLundi kwimdlalo yesifunda iZululand, abayonqoba khonma bayobe sebeya kumaSouth African Local Government Association (SALGA) Games azobakhona ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.






