
KUKHALWA ngoMnyango wokuHlaliswa koMphakathi waKwaZulu-Natal ngokuhudula izinyawo ekulekeleleni izakhamuzi ezishelwe imizi yazo ngenkathi kuqubuka umlilo emjondolo ekuKennedy Road, iDA ithi umnyango kumele uchaze ukuthi kungani kuphele isikhathi eside ingakahanjiswa impahla yokwakha njengenhlalayenza.
Lo mlilo wawuqubuke emasontweni amane edlule, kwasha imijondolo angu-105. Kukhona nabashelwa yiyo yonke impahla yasendlini. Ngaphezu kwalokhu, kuphinde kwaqubuka omunye umlilo ngesonto eledlule, wona oholele ekutheni sigcine sifinyelele ku-483 isibalo semijondolo eshile.IDA ithi umbiko ewutholile uyivezele ukuthi uMasipala weTheku ugcine ngokuhambisa impahla yezindlu ezingu-10 kuphela. Kwisitatimende esithumele kwabezindaba, ithe ngenxa yalokhu izakhamazi zigcine ziphoqeleka ukuthi ziyongena ngodli eDodoma Housing Project eseduze nale ndawo. “Iningi lalezi zindlu azikakaqedwa ukwakhiwa, umasipala wehlulekile ukugcina isikhathi esasithenjisiwe. Isethembiso sokugcina sasithe izindlu ziyobe seziqediwe ukwakhiwa, zanikezwa nabanikazi bazo ngoJuni kodwa kuze kube imanje lokho akukakenzeki,” kusho isitatimende. UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela umasipala, uthe umasipala uyile ukuyohlola isimo kule ndawo kwatholakala ukuthi kushe izindlu ezingu-483 kwaholela ekutheni bebe ngu-871 abangenazo izindawo zokuhlala, okuyizingane ezingu-135 kanye nabantu abadala abangu-646. “Lezi zibalo zisengashintsha uma usucutshungulisisiwe umbiko ngokwenzekile. Kuhanjiswe usizo lwesikhashana olufana nokudla, izingubo zokulala kanye nezipontshi. Umnyango sewazisiwe ngokwenzekile, yiwo ozobhekelela ukuhanjiswa kwempahla yokwakha,” kusho uMayisela.
Okhulumela umnyango uMnuz Mbulelo Baloyi, uthe umnyango uyazi ngokwenzekile futhi usematasa nezinhlelo zokulekelela abakhahlamezekile. Uthe okwamanje kusasesigabeni sikamasipala ukuthi kwenziwe ucwaningo ebese kuhlanganiswa umbiko ozothunyelelwa emnyangweni ngesibalo sabakhahlamezekile. “Uma sesithole umbiko siyone sesithinta neminye imnyango esisebenzisana nayo uma kwenzeke into efana na le njengabakwaSassa, uMnyango wezaseKhaya kanye nowokuThuthukiswa koMphakathi ukuze bezotholelwa amaphasela okudla. Simatasa ngalolu daba,” kusho uBaloyi. Uthe imvamisa umnyango uyaye unikezele umndeni ngamunye imali enguR8 000 ukuze izothenga impahla yokwakha okanye kube nesivumelwane nabezitolo ezithengisa impahla yokwakha okuba yizo ezihambisa impahla yokwakha emndenini. Uthe umnyango uyazwelana nemndeni ekhahlamezekile futhi usebenza ngokuzikhandla ukuyilekelela.






