Banikele esiteshini ngoSuku lwamaLungelo

0
100

LUGUJWE ngendlela engajwayelekile uSuku lwamaLungelo waBantu eNanda, izakhamuzi ebeziholwa abaholi beDemocratic Alliance (DA), zimashele esiteshini samaphoyisa ukuyofuna izimpendulo ngokuthi kungani le ndawo ihamba phambili ngezigameko zobugebengu iNingizimu Africa yonke.

Abebeyingxenye yemashi bakhale kakhulu ngezigameko zokudlwengula, ukubulala kanye nezokuzama ukubulala. Zonke lezi zigameko zimataniswa nokusabalala kwezindawo ezithengisa utshwala ezingekho emkthethweni. Bathe ngeke balugubhe uSuku lwamaLungelo waBantu ekubeni amalungelo wabo engavikelekile ngenxa yobugebengu. Kuhlu lwezikhalo oluhanjiswe emaphoyiseni kubalwa umbiko mayelana nenqubekela phambili yamacala ethulwe kwizibalo zakamuva zobugebengu, izinhlelo zokulwisana nobugebengu, okuzokwenziwa ngokuvala izindawo ezithengisa utshwala ngokungemthetho, kanye nokuthengiswa kwezidakamizwa.

UNks Sharon Hoosen okhulumela iDA kwezokuphepha komphakathi kwisifundazwe, uthe leli qembu lifuna ukwazi ukuthi kungani izigameko zokunukubeza ngokocansi zenyuke ngamacala ngamacala angu-34. Usole abaholi bezwe ngokuyekelela isimo size sifike kuleli zinga, wangeza ngokuthi banesandla kukho konke okubi okwenzeka eNanda. “INanda ihamba phambili ngamacala okudlwengula, iphinde ibe sezindaweni ezihamba phambili ngawokubulala. Lesi akusona isiteshi samaphoyisa ngoba asinayo ngisho inombolo yocingo esebenzayo, sihlobisile nje. Akukho ngisho izimoto zamaphoyisa, isiteshi siphuce abesimame ilungelo labo lokuthola ubulunguswa,” kusho uHoosen.

Emva kokuhambisa uhlu lwezikhalo, abaholi beDA babe sebehambela kolindela baseNewlands ukuyohlola izimo izakhamuzi zakhona eziphila ngaphansi kwazo. UMnuz Francois Rogers onguMholi weDA KwaZulu-Natal, uthe uphoxekile ngokuthi emva kweminyaka engu-28 izwe lathola inkululeko kusekhona abantu abaphila njengezingulube. “Abanawo amanzi ahlanzekile, awekho amathoyilethi. Izindlu abahlala kuzo azihloniphekile. Awukwazi ukuthi abagubhe uSuku lwamaLungelo waBantu ekubeni ilungelo labo lokuhlala ezindlini ezihloniphekile lisagodliwe. Wonke umuntu obatshela ukuthi abagubhe lolu suku kumele ebatshele ukuthi imaphi amalungelo