Bakhuthaza ukufunda

0
78
Abantwana bajabulele ukufunda izincwadi

UKUZAMA ukukhuthaza ukufundwa kwezincwadi isitolo esidayisa amathoyizi abantwana iToys R Us South Africa ngokubambisana nenhlangano engenzinzuzo yalapha eThekwini, banikele ngezincwadi ukuze kwenziwe kabusha umtapowolwazi esikoleni samabanga aphansi iMthubi Primary school eseMaphephetheni eNanda.

Lesitolo samthoyizi sithi sinikele ngezincwadi ezingu-1 400 ukuze abantwana bangasweli izincwadi abazozifunda, futhi kukhule nesiko lokufundwa kwezincwadi. Lo mnikelo wenziwe ngaphansi kohlelo lwalesitolo i-The Learn Project, egqugquzela ukufundwa kwezincwadi. Abantwana bebejabule ukubona elinye lamagumbi okufundela lenziwa umtapowolwazi ogcwele izincwadi. Leli gumbu liqale lalungiswa ngokuthi lipendwe ngoxhaso lakwa Prodec paints, kwafakwa okhaphethi abasha abanikelwe abakwa Top Carperts & Floors ukuze abantwana basebenzise indawo enhle futhi ehlanzekile. “Sijabule kakhulu ukunikela ngalo mtapowolwazi ikakhulukazi njengoba kuyinyanga yabantu abasha, kuyasithokozisa ukusibona siletha umehluko emphakathini wase Maphephetheni. Lokhu kuyisiqalo esisha kwintsha efunda eMthubi Primary school. Lo mtapowolwazi uhlose ukuletha umehluko ukuze babe nekusasa eliqhakazile,” kuchaza iMenenja yezokumaketha eToys R Us & Babies R Us SA, uNks Catherine Jacoby.

Uqhube wathi ayikho into emjabulise njengokubona abantwana bejabulele ukufunda izincwadi. UJacoby uthi le phrojekthi ihlose ukwenza umehluko emphakathini, iphucule imfundo ukuze abantwana babe nekusasa eliqhakazile. UJacoby ubonge ithimba akade esebenzisana nalo, elisize ngokuthi izincwadi zifakwe oplastiki ukuze zingasheshi ukuguga, laphinde lasiza ekutheni kulungiswe kabusha igumbi elizosebenza njengomtapowolwazi. UThishanhloko wakulesikole uNks Malungi Ndaba uthe ubonga kakhulu ngalo mnikela kanti unethemba lokuthi uzoligqugquzela isiko lokufunda kubantwana. “Siyisikole sokuqala lapha endaweni ukuba nomtapowolwazi, lokhu kusinika ithemba elingcono ngekusasa,” esho ephetha.