Yethulwe ngezokusubatha inhlangano yomphakathi

0
56

INKUNDLA yezemidlalo KwaNdengezi entshonalanga yeTheku ibe ngenye yezinkundla ezibe nesibusiso sokwethulwa kwenhlangano yomphakathi engenzi nzuzo ngokuthi kube nomcimbi wezokugijima ngempelasonto edlule.

Kulomcimbi odonse amehlo ezakhamizi ngokusho kukaPastor Joseph Khumalo naye owaziwa kakhulu ekuthuthukiseni ezokugijima entsheni kuleli lokishini, bekuwukwethula inhlangano iKhaya Lentokozo Community Group esemizameni yokusiza ekucijeni intsha kwezemidlalo. Ngaphandle kokuthuthukisa intsha kwezemidlalo, kodwa ibuye igxile kakhulu emizamweni yokwelekelela ukutholeleni usizo abantu abahlwempu njengoba imisebenzi ingabonwa kanti kweminye imizi kulalwa kungadliwe.

Ngaphambi kokuba kube nezinkulumo kanye nokwethulwa kwengqikithi yomcimbi kuqale ngokuthi kube neFun Run ebihlukaniswe izigaba ezimbili, abebegijima ibanga lamakhilomitha amahlanu kanye nebanga lamakhilimitha alishumi. Okufike kwahlaba umxhwele ukuthi ngaphandle kokungenela kwentsha kube ukubonakala kwabantu abadala nabo beyingxenye yalomgijimo nalapho bebebuye bazivocavoce nokungezinye zezindlela zokugqugquzela ukuzinakekela ngasohlangothini lwezempilo.

UPastor Khumalo ubonge kakhulu umphakathi ngokubamba iqhaza kulomcimbi, ubonge kakhulu nabaxhasi abenze lomcimbi wabayimpumelelo futhi, wabonga nentsha ebibambe iqhaza kulolusuku kanye nethimba lonke leKhaya Lentokozo Community Group ngokwenza lomcimbi ube yimpumelelo. Abawinile bathole izitifikethi nezindondo kanye nemiklomelo, obe kuyinhloso yokubagqugquzela nokubabonga ngokuba yingxenye yalomcimbi.