Bawotha ubomvu ngesigwebo sephoyisa

0
83
Amalungu oPhiko lwabesifazane lweNkatha Freedom Party, I-IFP Women’s Brigade besekwe ngabesilisa ngesikhathi beqhinqe eNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesibili

UMENGAMELI woPhiko lwabesifazane beNkatha Freedom Party, i-IFP Women’s Brigade, uMntwana uPhumzile Buthelezi, usenxuse ukuthi lithole isigwebo esinzima iphoyisa likaMasipala weTheku, elilahlwe yicala lokubulala intombi yalo, ngoLwesibili olwedlule.

UNdumiso Khumalo (30) utholwe enecala lokubulala uZinhle Muthwa (29) yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili olwedlule ngemuva kokuvuma icala. Isisulu kwakuyintombi yakhe ngesikhathi sokushona kwakhe. Ngesikhathi sokuloba lolu daba izinqubo zokugwetshwa kukaKhumalo bekulindeleke ukuthi ziqale ngoLwesine, olwedlule. UMntwana uButhelezi namalungu e-IFP Women’s Brigade bebelokhu behambela leli cala selokhu kwaboshwa uKhumalo, waqala ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu ekuqaleni konyaka. “Isigwebo esifanele uKhumalo kuphela esizodonsa udilikajele. Asicabangi ukuthi ufanele ukuhlala nomphakathi ngemuva kwalokhu akwenzile. Njengephoyisa wayethenjwa ngumufi nabanye besifazane emphakathini ukuthi bazogijimela kuye ukuze bavikeleke uma behlaselwa,kodwa manje nguyena umbulali,” kusho uMntwana uButhelezi.

Uthe ngobufakazi obuzwiwe enkantolo, uKhumalo wayehlele kahle indlela yokubulala ngaphambi kokuthi ayikhiphe.  “Ngemuva kokubulala uKhumalo wahamba wayogeza imoto ukuze asuse noma yibuphi ubufakazi wabuya nayo. Sikhathazekile ngezinga eliphezulu lodlame olubhekiswe kubantu besifazane kodwa besingakaze sicabange ukuthi abezomthetho yibona abazobulala abantu besifazane, kunokuba babavikele. Inkantolo kumele yenze isibonelo futhi ikhiphe isigwebo esinzima esizothumela umyalezo oqinile nakwabanye abenzi bokubi laphaya,” kusho umholi we-IFP. Isisulu esabulala noKhumalo babehlala ndawonye ePinetown kodwa isidumbu sakhe esasesonakele satholwa silahlwe esiqiwini sakwaNdaya ngaseMbumbulu, ngosuku lokuhlukanisa unyaka ngemuva kokubikwa ukuthi ulahlekile. Abantu abagcine ukumbona esaphila batshele amaphoyisa ukuthi kubonakale imoto emhlophe ebimlanda eNew Germany. Okhulumela iNational Prosecuting Authority esifundazweni uNatasha Kara ukuqinisekisile ukuthi uKhumalo utholwe enecala ngoLwesibili kanti isigwebo sizoqala ngoLwesine (esho uLwesine olwedlule).