Bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela

0
113

KUBOSHWE amadoda amabili ngamaphoyisa ophiko lweProvincial Drug and Firearm emikhankasweni emibili eyehlukene, eNew Germany naseClermont, entshonalanga yeTheku ngezinsolo zokutholakala nezidakamizwa, izibhamu kanye nezinhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala uthe ngoLwesine, olwedlule amaphoyisa abophe indoda eneminyaka engu-53 ubudala ngemuva kwezinsolo zokuthi itholwe nesibhamu.

“Kuphinde kwaphenywa endaweni efanayo kwatholakala isibhamu sokuzingela, isibhamu, izinhlamvu ezingu-260 nomagazini abayisikhombisa. Umsolwa ubekwe icala lokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Izibhamu ezitholiwe zizohlolwa i-ballistic,” kusho uGwala.

Uthe ngayizolo, amaphoyisa ophiko olufanayo enze umkhankaso wobunhloli mayelana nezidakamizwa ezidayiswa emagcekeni aku-33rd Avenue eClermont. UGwala uthe kube khona okushaya amanzi, ithimba lagasela emagcekeni.

“Kube sekuseshwa kwatholakala umsolwa oneminyaka engu-43 ubudala namaphilisi e-diamond ecstasy angu-18, ama-umbrella ecstasy tablet angu-30, izingcezu ezincane ezingu-55 ze-ecstasy kanye nezinhlamvu ezingu-14,” kusho uGwala.

Uthe umsolwa waboshelwa ukutholakala nezidakamizwa nokutholakala nezinhlamvu okungekho emthethweni. Uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesine olwedlule.

Khonamanjalo i-Freedom Front Plus iveze ukuthi izigameko zakamuva zokubulawa kwabantu ethaveni zikhomba izinkinga ezijulile emsebenzini wamaphoyisa kanye nohlelo lwezobulungiswa kwezobugebengu.

Umholi we-FF Plus uDkt Pieter Groenewald uthe uchungechunge lwezigameko zokudubula ezenzeke kusukela ngoLwesine emathaveni asePinetown, eMgungundlovu, Katlehong nase-Orlando eSoweto lukhomba izinkinga ezijulile emsebenzini wamaphoyisa kanye namaphutha amakhulu ohlelweni lwezobulungiswa bobugebengu.

Uthe kuze kube manje bangu-22 abantu asebeshonile kulezi zigameko kanti abanye abangu-22 balimele kanzima, abanye basesimeni esibucayi. NgoLwesine abezimo eziphuthumayo bakwaRedline Response babizelwe endaweni yokucima ukoma esePinetown ngemuva nje kwehora lesishiyagalolunye ebusuku ngesigameko sokudubula kwabantu abaningi.

UDerrick Banks weRedline Response uthe oyedwa udutshulwe washona kwathi ababili basala belimele kanzima. “Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befika endaweni yesigameko, bafice owesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa eminyakeni engamashumi amathathu ubudala elele phansi. Bafike esigulini bathola ukuthi sinenxeba lokudutshulwa kanti kuthiwa sishonile endaweni yesigameko,” kusho uBanks.

“Abezimo eziphuthumayo bakwaRedline Response bafinyelele kwezinye iziguli ezimbili, owesifazane oneminyaka eko-20 nowesilisa osanda kweva eminyakeni engamashumi amathathu ubudala babenamanxeba okudutshulwa.”

UBanks uthe abezimo eziphuthumayo basebenzise usizo oluphakathi nendawo ukusiza ukusimamisa iziguli ezimbili ngaphambi kokuba ziyiswe esibhedlela zisesimweni esibucayi kodwa esizinzile ukuze ziyothola usizo lwezokwelashwa okwengeziwe. Uqhube wathi isimo sesigameko asikacaci kodwa amaphoyisa endawo abekhona endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa asePinetown aphenya amacala okubulala nelokuzama ukubulala.

“Indoda eneminyaka engu-39 ubudala ibisendaweni yokucima ukoma ekuBreightmet Road eNew Germany ngesikhathi kungena abesilisa ababili abangaziwa badubula kaningi bebhekise kuyo. Ube namanxeba okudutshulwa ekhanda washonela endaweni yesigameko,” kusho uNgcobo.

“Abanye abagibeli ababili bathole imihuzuko base bephuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.” UNgcobo uthe abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto yabo.

Izolo ngoLwesithathu silobe kuqhubeka ukuqulwa kwecala lokubulala elibekwe iphoyisa. Iqulu labesifazane belibuthene ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseCamperdown lapho kuzovela khona iphoyisa laseNchanga elisolwa ngokubulala unkosikazi walo. UMthokozisi Nene uvele ngoJulayi 4 icala lakhe lahlehliselwa izolo ukuze kucutshungulwe ibheyili.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eKZN, uConstable Thenjiwe Ngcobo, uNene uboshwe esemzini wakhe eNchanga ngemuva kokuthola isimangalo sokubulala. “Amaphoyisa abe esedlulela endaweni yesigameko, afika aboniswa isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala esinenxeba lokudutshulwa esiphongweni,” esho.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Nonhlanhla Khoza, naye ubesenkantolo ukuzothamela leli cala nokuzoncenga ukuthi agwetshwe kanzima.