
NJENGOBA i-ANC izongena engqungqutheleni yayo yenqubomgomo eqala namuhla ngoLwesine, ubuholi bayo bukazwelonke bunomsebenzi onzima osabuhlalele uma bufisa ukugcina esinye sezikhali zawo zokudala ukuvuselelwa kwenhlangano- umgomo wabo ovimbela abaholi ababhekene namacala ukuba bangenele umbango wezikhundla.
I-ANC kulesi sifundazwe okuyisifundazwe esinamalungu amaningi alenhlangano isibe yisifundazwe sokuqala sobuholi besifundazwe ukunxusa ukuba kuchithwe inqubomgomo yokuvuselela kabusha yenhlangano.
Leli khwelo lenziwe nguNobhala wesifundazwe osanda kukhethwa uMnuz Bheki Mtolo, ngesikhathi ethula umbiko mayelana nezinqumo ezithathwe yi-ANC esifundazweni ngesikhathi kunezingxoxo ebezivaliwe. Ingqungquthela ye-ANC KwaZulu-Natal ibise-Olive Convetion Centre (OCCO, eThekwini ngempelasonto.
UMtolo uthe i-ANC esifundazweni yamukele ngokusemthethweni ukuthi umgomo wokungahambisani nemithetho ebuyekeziwe kumele ichithwe ngokuphelele.
Ngakho-ke ingqungquthela inqume ukuthi izithunywa zayo engqungqutheleni yenqubomgomo kazwelonke kumele zidlulisele isiphakamiso sokuthi umgomo wokungahambisani nomthetho ungagcini ngokubuyekezwa kodwa uchithwe,” kusho uMtolo.
UMtolo uthe isigungu esiphezulu se-ANC kubukeka sengathi singene shi ezifisweni zamagatsha e-ANC ngalo mgomo. UMtolo uthe lo mgomo uyabavimbela ukuthi bakhethe ababafisayo. Uthe lesi simo sizophela KwaZulu-Natal njengoba isifundazwe silungiselela ukulwa ngamazinyo nezinzipho ukuze kuqedwe umgomo wokungabambi qhaza.
UMtolo uphinde wathi izithunywa engqungqutheleni zinqume ukweseka owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma. Wengeze ngokuthi: “Senze uhlelo olubanzi lokusekela umlando walowo owayengumengameli”.
Uthe oweyengumengameli, uZuma akumele “akhishwe inyumbazane” futhi akumele kube yi-ANC KwaZulu-Natal kuphela evenza umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umlando kaZuma uyagcinwa.
USihlalo osanda kukhethwa esifundazweni, uMnuz Sboniso Duma, uhambe emazwini afanayo ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokuvala ingqungquthela yokukhetha ubuholi. Uthe uhlelo lokuvuselela le nhlangano luhlonywe ngezikhali futhi lusetshenziselwa ukuqeda amazwi aphikisayo ku-ANC.
UMnuz Duma owake waba ngumholi wophiko lwentsha waphinde wagxeka uChief Justice Raymond Zondo.” UZondo akaselona ijaji, usengumhlaziyi wepolitiki, noma uqashwe ukuphusha izindaba ezithile,” kusho uDuma.
Uphinde wakugxeka ukungaholelwa kwabasebenzi be-ANC wathi isenzo esifuze lesi kumele sithathwe njengesihluku. Uthe lokhu kuzoholela ekutheni abasebenzi behlelwe umfutho wokusebenza nokungase kube neminye imiphumela efana nokubambezeleka kwezingqungquthela ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi kazwelonke ngasekupheleni konyaka.






