Bafuna amaqiniso ngokudedelwa kwabasolwa ngokubulala

0
72
USibahle Luyanda Ndlela (14) obulawe ngesihluku ngemuva kokudlwengulwa

AMALUNGU ophiko lwabesifazane we-African National Congres, i-ANC Women’s League abhikishe aqonda eNkantolo yeMantshi eMpumalanga ngaseHammarsdale entshonalanga yeTheku efuna izizathu ezicacile zabadedelwa ngamacala aphathelene nokudlwengula kanye nokubulala.

Lemashi ebiholwa nguMengameli we-ANCWL, uNks Bathabile Dlamini ibilandela isehlakalo sokudlungulwa kwaphinde kwabulawa intombazane eneminyaka engu-14 ubudala, ngesonto eledlule. Kubikwa ukuthi umsolwa osolwa ngokudlwengula wabuye wabulala uSbahle Luyanda Ndlela (14) uvele eNkantolo yeMantshi eMpumalanga kodwa wadedelwa. I-ANCWL ohlwini lwezikhalo efike yazinika iNkantolo yeMantshi ifuna uPhiko Lwezokushushiswa koMphakathi, iNational Prosecuting Authority namaphoyisa bacacise ngokukhishwa kukamsolwa ecaleni lokubulala. Lolu piko lwabesifazane lwe-ANC lufuna ukuthi uNgqongqoshe wezobuLungiswa asungule uphenyo ngekuchaza ngokuthi iNkantolo yeMantshi yaseHammarsdale, kungokwehluleka kwayo ukushushisa abasolwa.

UMengameli we-ANC Women’s League uNks Dlamini uthe, bafuna kuphenywe kabanzi ngokuziphatha kwezimantshi nomshushisi endaweni. Amalungu omphakathi abephume ngobuningi ukuzwakalisa ukungenami kwawo ngendlela izinto athi zisingathwa ngayo eNkantolo yeMantshi yaseHammarsdale entshonalanga yeTheku. “Imashi yanamuhla idalwe ukukhululwa kommangalelwa ngokubulawa kukaSbahle Luyanda Ndlela yize bebekhona ofakazi, nokuthi izinga labashushisi beliphansi ngendlela eshaqisayo,” kusho uDlamini. ULuyanda kuthiwa wadlwengulwa waklinywa ngesonto eledlule phambi kwezingane zakubo. Owayeyisoka likanina waboshwa, wagcinwa izinsuku ezimbalwa, futhi kamuva wadedelwa.

Unina kaSbahle, uSmangele Ndlovu (31) uthe umsolwa, ahlukana naye eminyakeni emithathu edlule, wayenomlando wokuhlukumeza. Wayephethe incwadi yokuvikelwa ngokumelene naye, ayithola ngo-2018, namacala amathathu abhekene naye, elokushaya ngenhloso yokulimaza. “Izimantshi kule nkantolo azikwazi ukuphendula ngamacala obekufanele ziwashushise. Baziphatha sengathi bayazisebenzela. Ngakho-ke sithi, izimantshi nabashushisi ngokufanayo badinga ukwazi futhi baqonde kahle ukuthi abazisebenzeli bona, kodwa basebenzela imiphakathi, ”kusho uDlamini. Kumemorandamu, umphakathi ubufuna ukuthi imantshi inikwe ikhefu eliyisipesheli kusalindwe umphumela wophenyo. “Sinamacala amaningi angaxazululiwe nezihlobo zezisulu ezinganikwanga mbiko. Izigebengu zizulazula emigwaqweni yethu zisongela umphakathi. Ukwehluleka kwakho ukushushisa kudale indawo ephephile ezigebengwini, ”kusho incwadi enohlu lwezikhalo.

Phakathi kohlu lwezimfuno kubalwa ukuthi, uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uBheki Cele, uqale uphenyo mayelana nokugixabezwa kwesikhundla sokuba nguMkhuzi wamaphoyisa esiteshini saseMpumalanga. Abagqugquzeli bemashi banikeze iziphathimandla isinqumo sokuthi zizophendula. “Sifuna ukuthi uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uRonald Lamola, athumele ithimba labaphenyi ukuze libheke ukuthi ngabe imali ibambe iqhaza yini ekuqinisekiseni ukuthi izigebengu zihamba ngokukhululeka, ngemuva kokwenza ubugebengu obusabekayo,” kufunda imemorandamu. UNobhala we-ANC Women’s League esifundazweni uNkk Nonhlanhla Gabela usole ukuthi inkantolo yaseHammarsdale ibinomkhuba wokudedela izigebengu yize bebekhona ofakazi, abazimisele ukufakaza.