
UGALAGALA lukadokotela owelapha ngamakhambi esintu abuye asebenze ngesithunywa useze waphoqeleka ukuba avule isikole esizoba wusizo kubelaphi bendabuko ngenhloso yokubeka umsebenzi wabo kwelinye izinga elingabaholela ekusebenzisaneni nezikhungo ezisebenza ngendlela yasentshonalanga.
UDokotela Sandile Mncwabe wake-A 433 elokishini eMpumnalanga ngaseHammarsdale, entshonalanga yeTheku, cishe useqede iminyaka engaphezulu kuka-25 enza umsebenzi wokuphilisa abantu ngendlela yesikholwa kanye nokusebenza ngokwendabuko. Baningi abafika kuyena bezobonga ngomsebenzi omuhle abenzela wona abasuke besezinkingeni ezahlukene, kodwa uma betheleka kuye izinto zabo zixazululeke. Abanye bafika benezinkinga zemisebenzi, imishado ebhidlikayo, nezinye ezithinta umndeni. “Ngiyabonga kuDkt. Mncwabe ngendlela angisize ngayo besengibona ukuthi kuphelile ngomshado wethu weminyaka. Ngifike kuyena ngemuva kokuzwa ngomunye abemusiza. Ngiqale ngangakholwa kodwa ngaphikelela, kumanje izinto zihamba kahle kakhulu, “kusho uMnuz Vela Shabangu waseNtuzuma. Ngaphandle kokwelapha uDkt. Mncwabe unesikhungo i-Elasemanzini Spiritual Academy okuqeqeshwa khona ngezikamoya kanye nokuthwasisa.
Phakathi kwemisebenzi yasegodlweni ayenzayo, kubalwa ukuhlola, ukwelapha ngokomphefumulo, ukuvula izinto zakho ezavalwa izitha zakho, ukulungisa umsamo, ukuthwasisa iDlozi, isithunywa, ukuvula ingubo wena owazalwa wembethe, isimiselelo sebhizinisi lakho ukuze uphumelele. Uthi akujabulela kakhulu nakubongayo bonke abafika esigodlweni sakhe bayasizakala akekho ophuma ekhala ngokunjalo nabathwasayo bayayibona impumelelo akufani nokuphonsa imali emfuleni. Uthe okunye okuhle ngesigodlo sakhe ukuthi antu abathwasayo uyaqinisekisa ukuthi umuntu uphuma eqeqeshekile enobizo lwakhe futhi agcine ewazi wonke amakhambi wokuphilisa umuntu ngokulandela ubizo lwabadala nakufunde lapha kulelikhaya elinesiqubulo esithi,”Sbuyisela Ubuntu kubantu”. Ngokushayela kulenombolo yocingo ethi, 0810004049 ungakuthula konke okudingayo.






