
KULINDELEKE ukuthi kulempelasonto aphele amaphupho ngobuholi obusha bophiko lwentsha lwe-ANC, kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal njengoba kuzoba nengqungquthela okubhekeke ukuthi iqale ngoLwesihlanu, Septhemba 9, iphele ngeSonto Septhemba 11.
Lokhu kuvele engxoxweni ebiphakathi kwaleli phephandaba noMdidiyeli waloluphiko kulesi sifundazwe, uMnuz Mafika Mndebele othe, lezi zinsuku zigunyazwe ubuholi be-African National Congress Youth League (ANCYL) kuzwelonke.
Ngokusho kwakhe uMnuz Mndebele ukugunyazwa kwalezi zinsuku kulandela ukuthi lempelasonto esiphuma kuyo kuhlanganisa noLwesihlanu, 2 Septhemba bekunomhlangano wekomiti lesigungu esiphezulu seqembu lentsha obuzongqubuzana nokuqala kwengqungquthela.
Lesi sigungu yisona esigunyaze ukuthi ingqunguthela ye-ANCYL kulesi sifundazwe ihlale kusukela ngoLwesihlanu lolu esiya kulo iphothulwe ngeSonto, Septhemba 11.
Ngaphandle kwalokho uthe konke kubukeka kuzohamba kahle engqungqutheleni yokukhetha ubuholi osekunesikhathi ilindelwe. “Akukhona ukuthi kunenkinga kodwa usuku lwethu belushayisana nomhlangano we-NEC ngakho njengoba kulindeleke ukuthi sihambele lo mhlangano samukele isinqumo sayo,” kusho uMndebele.
Sekuphele unyaka uphiko lwentsha lungenalo uhlaka olukhethiwe esifundazweni kanti lugcine luholwa owayenguNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Kwazi Mshengu nekhansela leTheku uMnuz Thanduxolo Sabelo kwathi ngemuva kokuhlakazwa kwalo kwaqokwa uMndebele njengomdidiyeli.





