
UKWENYUKA kwezigameko zobugebengu kuzo okubalwa ezokubulala, ukudlwengula, ukunukubeza ngokocansi, ukugqekezwa kwemizi yabantu nokudunwa kwezimoto kuholele ekutheni amaphoyisa eSAPS eMlazi, abe nomkhuleko wokuthula kuleli lokishi.
Lo mkhuleko uphinde wasetshenziselwa nokukhulekela ukuphepha kwamaphoyisa asuke eyolwisana nobugebengu naqapha isimo emphakathini. Kuphinde kwakhanyiswa amakhandlela njengendlela yokukhumbula bonke abasebenzi bombutho ababulawa besemsebenzini. Umphathi wesiteshi saseMlazi uBrigadier B. Nkabinde, uthe ubugebengu sebuxakile eMlazi kangangoba amaphoyisa ngeke esakwazi ukubuqeda ngaphandle kokubambisana nomphakathi. Uthe kumele kubikwe bonke abenza nabahlela ubugebengu, wathi amaphoyisa azobavikela bonke abampimpa izigebengu. “Umsebenzi wamaphoyisa uncike kakhulu ekubambisaneni nomphakathi. Izakhamuzi yizo ezinolwazi ngokwenzeka empakathini, ngakho-ke ukuze amaphoyisa ezokwazi ukuqoqa bonke ubufakazi obudingekayo kudingeka ukuthi kube nokubambisana. Siyakugxeka nokuzithathela umthetho ezandleni, akubikelwe amaphoyisa ukuze ezobopha izigebengu.”






