
AMAPHOYISA akholelwa ukuthi ikusasa lalelizwe lilele kubantwana, ngakho ukuvikela abantwana kuyinto emqoka kuwona. Amaphoyisa esiteshi saseMlazi ahambele izikole ezahlukene eqwashisa abantwana ngokubaluleka kokuhlala bephephile futhi bevikelekile.
Phakathi kwabayingxenye yomkhankaso wokukhuthaza ukuvikelwa kwabantwana kubalwa amaphoyisa ophiko lwezokuXhumana, awophiko lokulwa nobugebengu, osonhlalakahle beDurban Life Line, amavolontiya omnyango wezokuPhepha koMphakathi kanye nokuXhumana kanye namalungu eCPF. Lezinhlaka zihambele iPhila Primary school esesigcemeni sakwa-F, bafike bafundisa abantwana ngokubaluleka kokuzivikela bangazitholi sebeyizisuli zokuhlukumezeka. “Inhlosongqangi yokuvikela abantwana ukuthi bazizwe bephephile, bekahle ngokwempilo. Yize uhulumeni wethu ezama ngokusemandleni ukuvikela abantwana ukuthi bangahlukumezeki, bangashiywa budedengu futhi bangaxhaphazeki kodwa lezinto zisenzeka emphakathini esiphila kuwo,” esho.
USergeant Sithembile Shezi wophiko lokulwa nobugebengu uthe abantwana baphila ezweni elinomthethosisekelo owenza isiqiniseko sokuthi amalungelo abantwana awaxhashazwa, baphila ngokulingana nabo bonke abantu futhi ngenhlonipho. “Ukuvikela abantwana kudlame, ukuxhaphazeka kanjalo nokuhlukumezeka kuyinto emqoka, futhi lomthetho wokuvikela abantwana ushicilelwe kumthethosisekelo wezwe,” kuchaza uSergeant Shezi. Uthi ukuvikelwa kwabantwana kuwumsebenzi wawo wonke umuntu. Ngakho abantu abangathuli bebona umntwana ehlukumezeka ababike emaphoyiseni nakosonhlalakahle uma kukhona izinsolo zokuthi kunomntwana ohlukumezekayo, noma osengcupheni yokuhlukumezeka. Abafundi bagqugquzelwe ngokuthi babike amacala okunukubezwa uma sebeke babhekana nakho. UShezi uthi amaphoyisa abhekene nenkinga yokuthi abantwana bayasaba ukubika amacala okunukubezwa emaphoyiseni ngoba kusuke kuwumuntu osendelene nabo owenza lokhu, kanti futhi emsabisa ngokumlimaza uma engaphumela obala. Abantwana baphinde bakhunjuzwa ukuthi yize benamalungelo kodwa kufanele baziphathe ngendlela elungile, bangazenzeli umathanda ngoba nakhu benamalungelo. USergearnt ukhuthaze abantwana ukuthi babike amacala okuhlukunyezwa emaphoyiseni ngisho kungathiwa kwenziwa ilunga lomndeni okanye umakhelwane. “Akekho umuntu onelungelo lokukuthinta ngendlela ongayithandi. Amaphoyisa alapha ukukuvikela sonke isikhathi,” esho egcizelela.






