
AMAPHOYISA aseMlazi abethe chithi saka ezindaweni ezahlukene emkhankasweni wokunxenxa umphakathi ukubambisana nawo ekulweni nobugebengu obudla lubi ezindaweni ezahlukene.
Anxuse umphakathi ukuba ubambisane nawo ngokubika zonke izinhlobo zobugebengu ezenzeka emphakathini, kuvikelwe izingane, abantu besifazane kanye nasebekhulile kwizigameko zokuhlukumeza nezokunukubeza ngokocansi.
Muva nje, amaphoyisa abephume umkhankaso wokuqwashisa ngomthelela wokungabikwa kobugebengu. Ahambele eziteshini zesitimela eZwelethu kwa-A, iseReunion ngasehostela iGlebelands. Lo mkhankaso ugxile kakhulu kwizigameko zodlame lwasekhaya, kwakhuthazwa abesimame ukuba bengakubekezeleli ukuhlukunyezwa. Akugcinwanga lapho kubuye kwakhuthazwa abesilisa ukuthi nabo badlale indima kulomkhankaso.
Amaphoyisa ophiko lweSocial Crime Prevention Unit abephelezelwe abavela eMnyangweni wokuPhepha nokuXhumana koMphakathi. Kufundiswe nabantu besilisa ngezinhlobo ezehlukene zokuhlukumeza abazenza ngokunganaki, bachazelwa nangezigameko lapho kuyibo abayizisulu zokuhlukunyezwa.
UWarrant Officer Sithembile Shezi uthe amadoda yiwo okusamele afundiswe kabanzi ngezigameko zokuhlukumeza ngoba amaningi ayaba izisulu zakho kodwa engabiki emaphoyiseni, esikhundleni salokho azinikela ekuphuzeni utshwala ngokweqile. Uthe ukuhlukunyezwa akuhambi ngobulili.
“Kulezi zinsuku amadoda aphendulwa inhlekisa uma eyizisulu zokuhlukunyezwa. Ngeke sikubekezelele ukuqhubeka kokudicilelwa phansi kwesithunzi samadoda, ngeke kwenzeke uma efika esiteshini samaphoyisa ngoba lokho kuholela ekutheni egcine esezithathela umthetho ezandleni zawo,” kusho uShezi.
Uthembise ukuthi osonhlalakahle abatholakala esiteshini samaphoyisa baqeqeshwe ngokwanele, bayakwazi ukulekelela izisulu zokuhlukunyezwa, abakhethi ubulili, ubuhlanga, neminyaka. Uthe abahlukunyezwayo bayavikeleka nangokuthola incwadi evimbela obahlukumezayo ukuba esondele eduze kwabo (protection order).






