Kudaleke omkhulu omanakalo

0
77

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uhole uHulumeni wesiFundazwe emizameni yokusiza ezinhlekeleleni aphinde ahlole ukuthi ungakanani umonakalo odalwe yizikhukhula zakamuva ezishiye kukhalwa  ngempelasonto.

UNdunankulu obehambisana noNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha kanye nokuXhumanisa uMphakathi kulesi sifundazwe kanye neMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda baqale eMdloti enyakatho yeTheku ngaphambi kokudlulela kwezinye izindawo.