
INJABULO ibibhalwe ebusweni kubantwana besikole samabanga aphansi eMlazi, abanikelelwe ngezicathulo zesikole. Labantwana abafunda esikoleni Isidingo Primary banikelelwe ngezicathulo zesikole. Lo mnikela wenziwe yiHope Restoration Ministries enikele ngezicathulo zesikole ezingu-100, kubantwana abaqhamuka emakhaya angathathi entweni.
IHope Restoration Ministries inhlangano yamabandla ezenkolo esebenza ngokunakekela umphakathi, ikakhulukazi ezindaweni zabantu abantulayo. Le nhlangano inikele ngezicathulo ezingu-100 kulesikole, yabe isidlulela phambili eMbumbulu esikoleni samabanga aphezulu iKwaphikaziwa Secondary school lapho efike yanikela khona ngezicathulo eziwu-100 kubafundi. UMnuz Panana Ndlovu oyilunga lesiGungu esiLawula isikole e-Isidingo Primary ubonge inhlangano iHope Restoration Ministries ngokunikelela abafundi, wathi lokhu kuzokwenza ngcono izimpilo zabafundi. UThishanhloko wase Isidingo Primary school uMnuz Nkosi Mhlongo uthe ukunikelelwa kwabafundi kuzobanika ukuzethemba, ngoba abanye bese benokuzenyeza ngoba bengenawo umfaniswano ophelele wesikole.
“Lomnikela ngiyawubonga kakhulu, uzokwenza izingane zibe nokuzethemba ngoba zigqoke umfaniswano ophelele. Abafundi baqhamuka kumakhaya angefani, ngakho abanye bazithole bengenawo umfaniswano ophelele, lo mnikelo usize kakhulu. Sibe sesicela le nhlangano yamabandla ezenkolo ukuthi isinikelele ngamajezi esikole njengoba kuyisikhathi sasebusika, ngoba kukhona abafundi abangenawo amajezi esikole,” kuchaza uMnuz Mhlongo. Uphethe ngokuthi agqugquzele abafundi ukuthi bazimisele ezifundweni zabo, baphumelele ukuze bakwazi ukushintsha imuva labo.






