SekuseMome ngokuvulwa kwesikole seNdoni samasiko

0
222
UDkt. Nomcebo Mthembu (owesokudla) umsunguli weNdoni Miss & Mr Cultural SA ekanye neMeya yaseLimpopo ngesikhathi kwethulwa umqhudelwano nabazowungela

ABAZIGQAJA ngamasiko nemvelaphi akungabazeki ukuthi bazozithokozela izindaba zokuthi isikole seNdoni samasiko esisanda kwakhiwa eRichmond kulindeleke ukuthi sivulwe ngokusemthethweni ngoDisemba 17, kulonyaka.

Lokhu kuvele engxoxweni ekhethekile noMsunguli weNdoni Miss and Mr Cultural SA, uDkt. Nomcebo Mthembu kulandela izinhlelo abanazo kubhekwe emqhudelwaneni walonyakanya nanokuthi ngaphandle komqhudelwano yiziphi ezinye izinhlelo abanazo ukuwubeka kwelinye izinga.

“Kube intokozo kithina ukuthi kulonyaka umcimbi wokuhlela owenzeka minyaka yonke ngenyanga yamagugu uhlelwa yintsha ye-Indoni ezinze eLimpopo)” kusho uDr Mthembu ongumsunguli we-Indoni SA, okuyinhlangano ezinikele kakhulu ukuthuthukisa ulwazi kwintsha kwezamasiko namagugu esintu, obuye wathi kuzobe kukhona nomviliyelo lapho ubuhle besintu buzotuseka buhlobise izitaladi zaseLimpopo.

Echaza ngezinhlelo abasanda kubanazo uthe, baphinde baba nohlelo lokuvakashela oGogo ngenyanga yabesifazane endaweni yaseRichmond, kwaGengeshe, lapho benikele khona nagamaphasela okudla angu-200.

“Indoni SA izogubha iminyaka elishumi (10 year anniversary) yasungulwa, okusenza sizigqaje kakhulu uma sibuka imiphumela yokuvuselela uthando lwamasiko namagugu lukhula minyaka yonke. Kulonyaka kuzobe kungokokuqala nqa lapho abafundi abaklonyeliswa ngonyaka odlule 2021, bezobe behlela umcimbi esiwubiza nge Indoni Academic Achievement awards, ozobungazwa mhlaka 16 December 2022,”kusho uDkt. Mthembu.

NgoMgqibelo kwethulwe ngokusemthethweni bonke abantwana abazobe bebanga isicoco sika Indoni Mr & Miss Cultural SA. Okungumcimbi owandulela owamanqamu oyobe ubanjwe ngoDisemba kuwona lonyaka. “Khumbula phela lomcimbi uhlanganise zonke izizwe ezikhona eNingizimu Afrika, lapho zikhombisa khona ukuzigqaja futhi ngobuzwe namasiko esintu,”usho kanje.

“Isigaba esilandelayo phela abangenela kumafayineli (isicoco) avotolelwa ngumphakathi ( sms campaign). Kubalulekile kakhulu ukuthi umphakathi wonkana ubasekele bonke abangenele umncintiswano ukuze bagqugquzeleke ekuthandeni isintu nokuziqhenya ngobuzwe babo. Bese kuthi ngenyanga kaDisemba yilapho ke sobe sithola khona abanqobile kuzo zombili izigaba Intombi neNsizwa,”uqhube kanje.

Mayelana nezinhlelo ababe nazo ngalenyanga yamagugu uthe, “Siyaziqhenya kakhulu ngamagugu ethu, abantwana be-Indoni kanye namanxusa ethu Indoni Miss KwaZulu Natal 2022 and Indoni Miss SA  Cultural 2021 abakade bethamele uMkhosi womhlanga 2022, obubanjelwe kwaNongoma. Siyababonga kakhulu ngokuzigcina kwabo nokuziqhenya kwabo ngobuntombi babo. Inyanga yamaGugu asikayiphethi, siyaqhubeka nokugubha sibungaza ubuntu bethu, amagugu ethu kanye namasiko ethu. Konke lokhu sihlose ngakho ukufundisa nokugcwalisa ulwazi kwisizukulwane ukuze singapheli isintu sethu. Kuhle ngoba zonke izizwe zinako ukumeleka ngezifundazwe zonke esinazo eNingizimu Afrika”.

Ephawula ngokuhlasela kokhuvethe uthe, “Ukuhlaselwa iCovid 19 kweNingizimu Afrika kusinqinde kakhulu amandla ezinhlelweni ebesinazo, zokuqhubeka kumbhidlango wokwakha isizwe ngamagugu namasiko ngoba phela kube negebe lapho singakwazanga ukhlanganyela ndawonye . Siyafisa kakhulu ukuthola ukwesekwa kuzo zonke izinhlaka zamabhizinisi,uhulumeni nomphakathi wonkana”.

Mayelana nokubambisana phakathi kwabo nomphakathi kanye nabazali bezingane uthe,”Siyathokoza kakhulu ukusho ukuthi kukhulu kakhulu ukubambisana kwethu nabazali babantwana bethu. Isizwe sakhiwa umphakathi. Siyacela abazali baqhubeke njalo ngokusethemba ngamagugu abo , okungabantwana babo ukuze isizwe sibe nekusasa eliqhakazile elingawabukeli phansi neze amagugu nesintu ,bayohlala besezandleni  eziphephile.

Umyalezo wakhe awubhekise entsheni uthe, “Minyaka yonke Indoni iba nohlelo lokufundisa intsha esikoleni Indoni Cultural School.Siyabagqugquzela kakhulu ukuba uma selivuliwe ithuba ngonyaka ozayo bazibandakanye nathi. Izikhangiso sizozikhipha sibazise, kanti futhi nasezinkundleni zokuxhumana imilayezo izobonakala”.

Uhla lwalonyaka labangenele lomqhudelwano lumi kanje:- (Zulu kingdom) :1 – Sibongakonke Mnyandu, 2 – Smangele Mngoma; ( Mpondo kingdom) :3 – Tobelani Ntlanyana, 4 – Smangele Tikana; ( Swati kingdom):5 – Lungelo Zikalala, 6 – Sihle Mdluli; (Pedi): 7 – Magau Monyela, 8 – Nchabeleng Ntsweletau; (Xhosa) :9 – Mikhaya Tshetu, 10 – Yenzokuhle Bhusakwe: ( Sotho) : 11 – Let lotto Mofokeng, 12 – Fokosi Mathetsuoa; (Venda) : 13 – Ramutsindela Khumbudzo, 14 – Vhugala Mphaphuli; ( KhoiSan): 15 – Deron Frans, 16 – Annamie Shangara; (Tswana): 17 – Mfati Keabetswe, 18 – Monyai Refilwe; ( Thembu) : 19 – Ntando Desemela, 20 – Andisiwe Vingqi; ( Tsonga kingdom): 21 – Rhulani Makaringe, 22 – Wendy Mabunda; ( Ndebele kingdom): 23 – Siyabonga Kabini, 24 – Zinhle Motha.