Uyazigqaja ngempumelelo yebhizinisi lokuhlobisa

0
276

UKUZE umsebenzi wakho noma ibhizinisi lakho lichume futhi libonakale lidlondlobala kufanele usebenze ngokuzikhandla nokuzimisela nokwenza into oyithandayo kube wukuthi umzuzu nomzuzu ubalulekile empilweni nasebhizinisini.

Lawa ngamazwi ashiwo uNkk Koo Helen Mhlongo ukaDlamini onenkampani eyenza umsebenzi wokuhlobisa iFunction Images  event decorating specialists  kulonyaka ehlanganisa iminyaka engu-22 yabakhona futhi ibonakala iqhubeka nokudlondlobala.

Lenkampani seyenze imisebenzi eminingi futhi seyidume umhlaba wonke ngenxa yokukhipha ikhono emsebenzini wokuhlobisa uma iqashiwe. “Ukusebenza ngokuzikhandla nokuzimisela nokwenza into oyithandayo kube wukuthi umzuzu nomzuzu ubalulekile futhi ukwazi ukuthi okuphambili ukwenza imali kubaluleke kakhulu ngokuthi usuke wenza into oyithandayo ngaleyo ndlela, kubalula nokuthi wenze nokungaphezulu ngoba vele venza into oyithandayo futhi usuke ungazizwa sengathi uyasebenza kodwa usuke uzizwa wenza into oyithandayo. Ngicabanga ukuthi yikhona okwenza lomsebenzi esiwenzayo siwuthokozele kangaka,”kusho uKoo.

Uqhuba uthi, “Okunye okubalulekile ukuwukhulekela umsebenzi esiwenzayo kuyasiza kakhulu uwubusise nje umsebenzi wezandla zakho ngiyaye ngithi lokho kuyasiza kakhulu. Njalo ngiye ngithi nkosi busisa umsebenzi wezandla zethu , akuthi ngalomsebenzi esiwenzayo senze eminye imisebenzi futhi ibe sezingeni lalabo abalifisayo abasuke bewukhekhele imali yabo. Babubone lobubuhle bomsebenzi”.

Mayelana nemisebenzi abayenzayo uthe, “Senza umsebenzi kahulumeni ikakhulukazi la eThekwini senza nabanye ohulumeni, phakathi kwemisebenzi esesike sayenza emikhulu kubalwa neGala Dinner ebise-ICC ihanjelwe abantu abangu-500.

Njengoba bonke abantu bebazi ukuthi bekune Durban Business Fair sibethuba lokuthi uhulumeni asethembe ngokuthi senze le Gala Dinner Elise-ICC ebingoLwesine (olwedlule) ebusuku ebihanjelwe izicukuthwane zemikhakha ephezulu”.

Uqhubeke wathi, “Okunye okubalulekile ngalomcimbi njengoba ibhizinisi lethu nje selineminyaka engu-22 uma ngikhumbula kahle iDurban Business Fair yabangeminye yemisebenzi yokuqala esaqala ukuyenza siqala lenkampani yethu ngaphambi kokuba ibhaliswe ngokusemthethweni njengoba igcine ibhaliswe ngokusemthethweni ngo-2001. Cishe besekuphele iminyaka emine ngizisebenzela nje ingakabhaliswa ngokusemthethweni. IDurban Business Fair ngeminye yemisebenzi eyenza umsebenzi wethu sawuthatha njengobaluleke kakhulu futhi sakwazi ukuthi inkampani kuyaphoqa ukuthi irejistwe ngokusemthethweni”.

“Njengoba behlanganisa iminyaka engu-25 (Durban Business Fair), kuyangijabulisa ukusho ukuthi ngaba ngomunye wokuqala ukwenza umsebenzi wabo wokuqala eminyakeni engu-24 edlule futhi ngiyajabula ukuthi bazobe begubha iminyaka engu-25 lokho okuchaza ukuthi sikhula kanye nabo,”usho kanje.

Ephawula ngeCovid uthe, “I-Covid-19 iwalimazile kakhulu amabhizinisi abantu abaningi, kodwa manje asikho isidingo sokuthi umuntu ahlale athi ngoba ulinyazwe yi-Covid vuka uzithathe uqhubeke lapho wagcina khona impilo iyaqhubeka. Kunesisho esithi ubisi uma seluchithekile ngeke usalubutha, ngempela ngeke uhlale ukhalele ubisi oluchithekile kufanele ubone ukuthi sekwenzekile ke lokho, zama ezinye izindlela zokuthi uphinde uthole olunye ubisi. Kodwa thina sabanenhlanhla yokuthi ngesikhathi iCovid iqala kune workshop engangiyethamele ngezinkundla zokuxhumana eyayethulwa ngosaziwayo baphesheya eyayisibonisa ukuthi njengosomabhizinisi ake sizame sibheke ukuthi yiziphi izinto ezenzakalayo nakuba kukhona iCovid”.

“Safunda ukuthi iyiphi imisebenzi ekhona njengamanje esingangena kuyo ngesikhathi seCovid. Kulapho kwahlaluka kimi ukuthi amabhizinisi ayekhona ngaleso sikhathi awomngcwabo. Ngabanxenxa abantu bomngcwabo ngoba babengcwaba kakhulu sibacela abanye ukuthi sibasize sebenzele lento esiyenzayo yokuhlobisa kodwa kuwumngcwabo. Sabanenhlanhla ngoba iCebolethu lavele lasinikeza ithuba lokuthi sikwazi ukubahlobisela imicimbi yabo,”uqhube kanje.

“Ukuhlobisa emingcwabeni yabo eminingi sasizakala kanjalo. Ngezinye izindlela ngalesiya sikhathi seCovid asizange sibe nakho ukuthula  ebhizinisini kodwa sasiqhubeka sisebenza akuzange kuze kume ngoba sathatha leso seluleko esithi kufanele ubheke amathuba avelayo ngaleso sikhathi. Bakhona nabanye abase-Eastern Cape esisebenze nabo kakhulu ngesikhathi se-Covid, noma sekudlulile manje sekuvuliwe iseyinziwa imicimbi evulelekile ehlanganisa abantu. Singosomabhizinisi asivukeni sizithathe senze ngaphezulu kwalokhu ebesikwenza”.

Ephawula ngokugixabezwa ngomsebenzi wokuhlobisa emshadweni kasondonzima kwezamabhizinisi, uNks Nomfundo Mcoyi obeshada noDkt. Bahle Zondo waseMsinga uthe, “Kungijabulise kakhulu ukuthi uNomfundo (Mcoyi) athathe isinqumo sokuthi inkampani yethu izohlobisa emcimbini wakhe obungempelasonto. UNomfundo uke wasethemba nangeminye imicimbi yakhe yangaphambilini neyasemsebenzini nemicimbi yasekhaya futhi ungumngane wami esakhula naye okumnandi ukuthi sisengabangane namanje. Kubemnandi ukuthi ngithathe okusenhliziyweni nokusengqondweni yakhe ngikubeke kube ngokwenzeka ngempela.” Uma ufuna ukuxhumana nabo bayatholakala ku-facebook- Function Images  event decorating specialists, ku-instagram – Function Images, ku-Tweeter- Function Images, kanti ihhovisi elikhulu labo liseGoli, khona ushayela ku-011 7866660 ngezikhathi zomsebenzi futhi uma uxhumana nabo ku-facebook kuningi ongakuthola.