Uphosele inselelo ababizelwe ekuholeni umsebenzi kaNkulunkulu besabancane ngokweminyaka

0
146

UKUBAMBELELA obizweni lwakho yisona sikhali onqoba ngaso kuzo zonke izimo ohlangabezana nazo endleleni ikakhulukazi njengoba uNkulunkulu engakethi uma ekubizela emsebenzini wakhe, kwesinye isikhathi akubize usengumuntu osemusha.

Lokhu kushiwo uDikhoni Zama Zungu webandla i-Eternal Life Church of God, eNtuzuma obegcotshelwa kulesi sikhundla ngeSonto umholi waleli bandla uDkt. Archbishop TL Magwaza.

“Hambani ngobizo enabizwa ngalo, uma ngabe uNkulunkulu ekubiza, uchaza ukuthi kufanele wena ubambelele obizweni lwakho, ungadideki futhi ungabuyeli ngakwesokukhohlo. Uhambe njalo ungalibali ukuthi uNkulunkulu mina ungibizile. Kungenzeka ukuthi abanye bahambile endleleni, bashayeka balimala kodwa mina ngithi, ngoNkulunkulu wami, singabanqobi, asishayeki, asehluleki, asivinjwa yilutho ngoba mukhulu ongakimi kunalowo osezweni,”kusho uDikhoni Zungu ngesikhathi ephawula ngezinselelo ezibhekana nabaholi bamabandla abasebasha.

Mayelana nezinselelo abhekane nazo ngemuva kokwamukela ubizo lokwenza umsebenzi weNkosi uthe, “Ngikhumbula kahle ngemuva nje kokumenyezelwa kokuthi ngizogcotshwa ngibe wuDikhoni izinto zavele zabheka phezulu kodwa uNkulunkulu emuhle njalo, usinike amandla okuba sinqobe ngikwazile ukunqoba izimpi eziningi ezivuke ngomzuzu wokugcina sekusondele isikhathi sami sokugcotshwa kodwa ngoba uNkulunkulu ubekhona ubelokhu enjalo ehlelemba amagedegede endleleni yami.

Mayelana nomyalezo awubhekise kontanga yakhe abaphathisiwe ngokwezikhundla zabo uthe, “Engingakusho nje ngingathi ezwini elifundwe namhlanje uNkulunkulu uyena owekhetha thina, akuthina esaKhetha uNkulunkulu. Ngamanye amazwi kuchaza ukuthini lokho, kuchaza ukuthi njengoba uNkulunkulu akukhetha, wathi esekukhethile ubizo akukhetha ngalo wabe usuyalamukela uthi Nkulunkulu wami njengoba kuthiwa kukhona owabuza ezulwini ukuthi siyakuthuma bani na?

Kuthiwa kukhona owevela wathi thuma mina baba, uma wamukela ubizo lukaNkulunkulu usuke ufana nomuntu ozinikelayo ukuthi baba thuma mina noma yikuphi lapho uthi angiye khona. Okusho ukuthi engingakusho kubantu abasha ngithi kuwe yenza lokho awukwazi ukumphikisa uNkulunkulu ngoba uyena owakukhethayo. Akukho okunye ongakwenza noma ungathi manje ngikhathele awukwazi ukukukwenza lokho ngoba uyena owathi kuwe ngiyakudinga wena wabe usuthi baba thuma mina”.

Mayelana nezinselelo ezangaze zimkhubaze endleleni, uthe asikho isikhali esinye isikhali esinikeziwe emakholweni. Yinye into esiyinikeziwe esiyosinda ngayo igama likaJesu. Yisona sikhali samakholwa lesi esisinikeziwe. Izinto zizovuka endleleni zifune ukukuwisa okholweni kodwa yinye into esisinda ngayo yigama likaJesu. Igama likaJesu lidinga ukuthi ubenomkhuba wokuzijwayeza wokumkhulwa uNkulunkulu ohamba naye. Uma ungumntwana kaNkulunkulu kufanele ukholwe ukuthi lo ongakumina ngeke aze avume nami.

UDkt Archbishop TL Magwaza umholi webandla i-Eternal Life Church of God okunguyena obengamele inkonzo yomgcobo, ngaphambi kokuba enze umsebenzi uvule kuJohane 15:16 “Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona”. Ube eseqhubeka neziyalo lapho ekhulume kabanzi ngokubaluleka ukuhlonipha umndeni wakho, izinkolo nezinkolelo zawo, ngoba uNkulunkulu ukhethe yena.

ULady Dkt. Archbishop TG Magwaza owethule intshumayelo yosuku ebigxile kakhulu ezelukweni ngendlela okufanele uDicon Nzama ahambe ngayo,uPastor DS Ngobese naye udlulise amazwi eziyalo, Lady Bishop OS Shange ngokunjalo naye owedlulise amazwi eziyalo futhi ophinde waqhuba inkonzo yesidlo senkosi, uSenior Pastor EM Mphandane othathise uDicon Zungu izifungo ngaphambi kokugcotshwa, Lady Senior Pastor FZ Mphandane othule isifundo sosuku, uPastor Nzama obephethe uhlelo, kube uPastor Ngidi, kube uMvangeli uGumede, kube uMengameli uNinela nowakwakhe, uPastor Maphumulo ukukha nje phezulu kwabebezimazise lenkonzo yomgcobo.