
UMNYANGO wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi kulesi sifundazwe uncome abezomthetho ngokusebenza ngokuzikhandla kusukela kuqala amaholidi okuphela konyaka kuze kube imanje, wathi lomkhankaso wokukhuthaza ukuphepha emgwaqeni usazoqhubeka unyaka wonke.
Izibalo zakamuva ezikhishwe umnyango seziveze ukuthi izingozi zomgwaqo zehle ngo-12%, ezabafe ezingozini zomgwaqo zehla ngo-9%. UNgqongqoshe woMnyango uNks Peggy Nkonyeni, utho lokhu kutshengisa ukuthi abezomthetho basebenze kanzima futhi kumele benconywe ngomsebenzi wabo.
“Besihlanganise izinhlaka ezehluke zezomthetho ngenhloso yokuphephisa izimpilo zabantu abaningi emgwaqeni yaKwaZulu-Natal. Sikwazile ukuthi sinciphise izingozi. Ngokusebenzisana namaphoyisa sikwazile nokubopha labo abaphatha izibhamu emgwaqeni, senze isiqiniseko sokuthi umthetho uyagcinwa KwaZulu-Natal,” kusho uNkonyeni.
UNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, naye usencome abezomthetho ngokuncipha kwezingozi zomgwaqo. Uthe nakuba izibalo zizinhle kodwa akwanele ngoba ukulahleka komphefumulo owodwa kuyinto embi, wangeza ngokuthi konke okuhlelwa uhulumeni kungaphumelela uma kwesekwa izakhamuzi.
UNkonyeni uphethe ngokuthi umnyango uzoqhubeka nezinhlelo zawo ngaphansi kwesiqubulo esithi Alufakwa KwaZulu-Natal Lubuya Nesephulamthetho. Kwizinhlelo ezizofakwa zizobheka ekugwemeni izingozi zomgwaqo, udlame lobulili, izindawo ezithengisa utshwala ngokungemthetho, ubugebengu nokunye.






