
CISHE umphakathi waseFolweni eniningizimu yeTheku okuhlanganisa nezindawo ezakhelene naleli lokishi elingaphandle kwaseSiphingo kusazowuthatha isikhathi ukuthi ziphume ezingqondweni zawo izehlakalo ezenzeke kulendawo ngonyaka odlule ezihlanganisa nokuphuma kwezidumbu.
Ezinye zalezi zizehlakalo ezisaphenywa nokuzekwashaya isikhathi sokushicilela ungakatholakali umkhondo wababulali kubalwa nesenzeke emgwaqeni uMngani, eMangamazini, maphakathi noDisemba.
Kulesi sehlakalo kwafa ngesihluku esinyantisa igazi abantu abangu-7, kwasinda owesifazane olinganiselwa eminyakeni engu-27 ubudala. Okhulumela uBrig Jay Naicker ngemuva kwalesi sehlakalo wathi, owesifazane oneminyaka engu-27 usinde ngesikhathi kudutshulwa waphuthunyiswa esibhedlela.
“Kusolakala ukuthi izolo ebusuku (ngeSonto Disemba 13) abantu abayisikhombisa badutshulwe ngabasolwa abangaziwa bengaphakathi emzini osemgwaqeni uMngadi eFolweni (eMangamazini). Amaphoyisa alunywe indlebe ngamalungu omphakathi ekuseni athola lesi sigameko esishaqisayo.
Ngokusho kukaBrig Naicker esitatimendeni asikhipha ngemuva kwalesi sehlakalo, izidumbu zabesilisa abane nabesifazane ababili abaneminyaka ephakathi kuka-26 no-32 zatholwa endlini zinamanxeba amaningi okudutshulwa.
“Bonke kuthiwa bashonile endaweni yesigameko. Owesifazane oneminyaka engu-27 obephila ngesikhathi kufika amaphoyisa uphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uNaicker.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi wasigxeka lesi sehlakalo sokubulawa kwabantu. “Sinxusa umphakathi ukuthi uphumele obala nolwazi oluzosiza ekuhlonzeni abaphehla ukubulawa kwabantu,” kusho Lt Mkhwanazi ngemuva kwalesi sehlakalo. Amacala okubulala nelokuzama ukubulala aphenywa uphiko lwamaphoyisa esifundazweni.
Amaphoyisa akholelwa ukuthi lolu daba luhlobene nobugebengu endaweni kanti umndeni kaSipho Mthembu watshela abemithombo yezindaba ukuthi indodana yawo ibisebenzisa izidakamizwa, kodwa baphatheke kabi ngokwenzekile. Bathe uMthembu wasinda esigamekweni sokudubula ngoJulayi ngesikhathi oshayasibhamu bebamba inkunzi emzini wabo.
Kuvele ukuthi ngesikhathi abahlaseli behlasela uMthembu bathathe imali, amaselula nakho konke kodwa ngenxa yokuthi ubezilwela, bamdubula kodwa wasinda kulokho okuyisehlakalo esenzeke ngoJulayi ngaphambi kwalesi esenzeke ngoDisemba. Uphiko lweProvincial Investigative Unit yilona olujutshwe ukwenza uphenyo kanti onolwazi angathintana namaphoyisa ku-086 001 0111.






