Kukhulekelwe ukuphepha ngezinsuku zamaholidi

0
68

UBEYIMPUMELELO umkhuleko obehlelwe yiBring Back Life Foundation obusenkundleni yezemidlalo eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Asiphephe Festive Prayer” lapho bekuhlangene abaholi bamahlelo ahlukene nezinhlaka zemikhakha yezenkolo kukhulekelwa ukuphepha ngesikhathi samaholidi kanye nokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

Ingxenye yabefundisi kanye nethimba le-BBLF ebelihlele umkhululeko ophethe ngokuthi kube nendumezulu yezemidlalo ngeSonto, kulenkundla
Nobaba bebethumela umyalezo kuNkulunkulu ngomkhuleko
Alikho elinye ikhambi esinganqoba ngalo ngaphandle kokubikela uMdali
Nabantu abasha bayakudinga ukubamba iqhaza ukuze kube nokuphepha