
UKUNGAYIHLOLELI ingculazi nokungadli imishanguzo ngendlela efanele kunomthelela ekwesulekeleni kwabantu abaningi ngaleli gciwane, indlela yokulwisana nakho ukuthi kube nokubambisana okuzoholela ekusatshalalisweni kolwazi olunzulu ngegciwane lengculazi kanye nengculazi.
Ngaphezu kobudedengu babantu, izigameko zokunukubeza ngokocansi nokudlwengula ebese kungabikwa emaphoyiseni nazo zinomthelela. Lokhu kuvele ngenkathi kubungazwa iWorld AIDS Day muva nje.
Umcimbi wakulo nyaka obuhlelwe uhulumeni wesifundazwe, usetshenziselwe nokuqwashisa ngezinye izifo ezinobungozi njengesofuba neCovid-19.
UNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, uthe iHIV/AIDS iseyinkinga enkulu KwaZulu-Natal njengoba isifundazwe sisahamba phambili ngezibalo zabanayo. Uthe kuzohlanganiswa amakhanda ukubonisana ngokuthi ikuphi okungenziwa ukulwisana nezingqinamba ezivimbela ukuqedwa kwaleli gciwane esifundazweni.
“Siyaqhubeka nokubona imiphumela ethembisa ikusasa elingcono yomsebenzi owenziwa izinhlaka ezehlukene esibambisene nazo ekulweni nesandulelangculazi.
Lokhu akusho ukuthi kumele sikhohlwe indlela yokuzivikela ekwesulelekeni ngaleli gciwane. Abantu abaqhubeke nokulihlolela, bezivikele,” kusho uZikalala.
IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, uthembise ukuthi uhulumeni uzoqhubeka nokutshala abasebenzi bezempilo ukuba beyoqwashisa ngegciwane, bahambise nezinhlelo ezehlukene zokulwa nokubhebhetheka kwalo kuzo zonke izikhungo zezempilo zikamasipala, ilapho kunemcimbi nemhlangano yomphakathi kanye nasezindaweni lapho lidlange khona.
Kwezinye zezikhulumi zalo mcimbi obusepaki elihlose ukukhumbula uNks Gugu Dlamini owabulawa ngo-1998 ngemuva kokuphumela obala ngokuthi uphila naleli gciwane, kubalwa iNkosi Phathisiwe Chiliza enguSihlalo woMkhandlu wobuHoli beNdabuko, abaholi nabezinhlangano zomphakathi nabanye.






