OwezeMpilo uwotha ubomvu ngevidiyo “ehlaza” isibhedlela

0
145
Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN, uNoluthando Nkosi, uthi uNgqongqoshe uNomagugu Simelane-Zulu (osesithombeni) uyalele ukuthi kwenziwe uphenyo ngalolu daba.

UNGQONGQOASHE wezeMpilo, unik Nomagugu Simelane-Zulu uwotha uthukuthele wagana unwabu ngemuva kokusabalala kwevidiyo yesiguli ethela ngehlazo isibhedlela iPrince Mshiyeni, eningizimu yeTheku.

Ividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngesonto eledlule idalula ihlazo nosizi isiguli esibhekene nalo ngesikhathi sisesibhedlela okuvela ukuthi kunesinye isisebenzi noma abasebenzi abasihlasela. Kuthiwa uNks Sibongile Diaho (54) wangeniswa kulesi sibhedlela ngenyanga edlule ngenhloso yokwelashwa amathumba amabili esiswini, okuthe ngoMsombuluko owedlule esibhedlela bamdedela enenxeba elesabekayo. UNks Diaho kuthiwa uphinde abenesifo sikashukela. Kwi-vidiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana kuvela owesifazane osekhulile esekhaya enezibazi ezingalweni kanye nenxeba elesabekayo esiswini. Kwazwakala indodakazi kaNks Diaho  isola ukuthi unina ushayiwe waphinde wathukwa ngabahlengikazi.

Umkhwenyana kaNks Diaho uMnuz Themba Mkhize utshele abemithombo yezindaba ukuthi umukhwe wakhe ubelokhu enenkinga yokunakekela unkosikazi wakhe ekhaya. “Bathi isilonda esinje asikhombisi ukuthi sithungiwe savaleka. Okusikhathazayo yindlela elokhu sivuza ngayo… bamfaka ibhandishi lase linamathela enxebeni. Leli bhandishi selivule umgodi omkhulu kakhulu esiswini. Sidinga usizo ngoba manje sekunezinsuku ezingu-3  elapha ekhaya futhi akatholi ukunakekelwa okufanele ekhaya,”kusho UMnuz Mkhize ngaphambi kokuba kufike i-ambulensi ngoLwesithathu olulwedlule izomlanda. “Basitshele ukuthi babembophele embhedeni yingakho enemihuzuko ezingalweni zakhe okungenzeka ukuthi kwakudalwa yinoma yini ababeyisebenzisa ukumbopha, ”kunezela uMkhize.

Ekhuluma nenhlangano esakazela umphakathi yakwa-SABC ngoLwesine olwedule ekuseni, uMkhize uthe uDiaho uthathwe yi-ambulensi ngoLwesithathu ebusuku ukuze abuyele esibhedlela. Kepha, uthe, lapho befika esibhedlela ngoLwesine ekuseni, ubesahleli emabhentshini elinde umbhede ozotholakala. “Esifuna ukukwazi ukuthi bangamkhipha kanjani umuntu osesimeni esinje esibhedlela. Simangele nje ukuthi basidedele kanjani isiguli sisesimweni esinje. Asiqeqeshelwe ukuhlanza amanxeba afana nalawa. Besicabanga ukuthi njengesibhedlela bazomgcina futhi bamnakekele aze abe ngcono. Awukwazi ukuhlinza umuntu okulesisimo sikamama bese umyeka nje kanjalo ahambe. Ubaba sekumele ashintshe njalo izinto zombhede ngoba isilonda siyavuza kakhulu, ”kuchaza uMkhize.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN, uNoluthando Nkosi, utshele abemithombo yezindaba ukuthi uNgqongqoshe Nomagugu Simelane-Zulu uyalele ukuba kwenziwe uphenyo ngalolu daba. “UNgqongqoshe uSimelane uphazamiseke kakhulu ngale vidiyo futhi uyalele iNhloko yoMnyango ukuba iqale uphenyo oluphuthumayo. Ophenyweni, uNgqongqoshe uSimelane uthe kumele baphenye ukuthi isiguli besiphethwe ngendlela efanele yini mayelana nokuhlolwa komtholampilo. Bekufanele ngabe sesiphumile yini esibhedlela. Ngaphezu kwalokho udinga ukuthola ukuthi isiguli singakwazi yini ukukhomba ukuthi ngubani owasishaya futhi wasithuka. UNgqongqoshe ugcizelele ukuthi inhloso ebaluleke kakhulu njengamanje ukuthi isiguli sithole usizo oluphuthumayo esiludingayo ukuze sikwazi ukululama, ”kusho uNkosi.