Ukhala ngesimo sendawo ehlala abaphazamiseke emqondweni

0
46

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza, usedlulise ukuphoxeka kwakhe ngesimo esingagculisi asifice kwisikhungo esinakekela abantu abaphazamiseke ngokomqondo iDurban and Costal Mental Health Society.

UKhoza kanye noNkk Nelisiwe Vilakazi oyiNhloko yoMnyango, bafike kulesi sikhungo kungazi muntu njengendlela yokuqinisekisa ukuthi zonke izinto zihamba kahle ezikhungweni ezisebenzisana nomnyango ngaphansi kohlelo i-Operation Siyahlola. Lokhu kuqhamuka ngemuva kokuthi umnyango uthole izikhalo ngokuthi kukhona abantu abahlala kulesi sikhungo abancishwa ukudla. Izikhulu zomnyango zihlole isimo, zabe sezibamba umhlangano nabaphathi besikhungo. Kuvunyelwane ngokuthi lesi sikhungo besingasebenzi njengezivumelwano esaba nazo nalo mnyango kanye noMnyango wezeMpilo wesifundazwe.a “Kuyathusa ukubona ukuthi abaphathi

balesi sikhungo basiphethe kanjani. Ukunikwa imisebenzi kwezinkampani ngaphandle kwezinkontileka enye yezinkinga esizitholile. Lesi sikhungo siyehluleka ukwenza umsebenzi olindelekile. Kuyacaca ukuthi asiphethwe ngendlela futhi nemali ayisetshenziswa ngendlela efanele,” kusho uKhoza. Uthe umnyango uxhasa lesi sikhungo ngemali eningi ukuthi isimo saso singaba sibi ngale ndlela asifice siyiyona. Uthe abantu akumele bephathwe ngendlela engagculisi, wathi badumele nangenhlobo yokudla ephakelwa abantu. Uthe abaphathi kumele beqinisekise ukuthi isikhungo siyayilandela imigomo yokusebenza eyenganyelwe iNPO Act. “Abantu baphakelwa ukudla okungenawo umsoco. Akekho umuntu okumele edle isinkwa usuku lonke. Lesi sikhungo sithola imali eyanele ukuthi singakwazi ukunakekela abantu. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi isithunzi sabo siyabuya. Isikhungo kumele silandele imithetho ebekiwe yokusebenza,” kusho uKhoza.

Uthe bafuna izimpendulo, futhi abaphathi kumele beqhamuke namasu lokuguqula isimo sesikhungo. “Ziningi izinto ezenzeka kulesi sikhungo esingeke sikwazi ukuzixolela. Ngeke siyekelele ngoba kuzokhahlamezeka abantu abangenacala ngendlela isikhungo esiphethwe ngayo,” kuqhuba uKhoza oveze ukuthi nakuba bengagculisekile kodwa umnyango uzoqhubeka uxhase isikhungo ngemali. UNgqongqoshe uthe umnyango uzoqoka ithimba elizosebenzisana nabaphathi besikhungo ukuze kuzotholwa amasu okuqeda izinkinga esisabhekene nazo. Uthe bonke abanesandla kulokhu kumele bebhekane nengalo yomthetho ngoba umnyango awuhambisani nenkohlakalo nokungasetshenziswa kwemali ngendlela efanele. Kwisitatimende esithumele kwabezindaba, iDurban and Costal Mental Health Societyithe iyaqonda ukuthi lesi sikhungo sisanezinkinga futhi izibophezele ekuzixazululeni. Ithe isinazo nezinhlelo ezizoxazulula izinkinga. Inxuse nabangayixhasa ngemali ukuba beyinikelele, yabonga kubo bonke abake bayixhasa. “Sithanda ukubonga nakwimindeni kanye nabasebenzi abanakekela abantu abanakekelwa kulesi sikhungo ngokusibekezelela. Siyaqonda ukuthi kuningi okungamampunge okubhalwe ngathi ezinkundleni zokuxhumana, sithanda ukukucacisa ukuthi sisebenza ngokuzikhandla ukulungisa isimo,” kusho isitatimende.