
KULINDELEKE ukuthi kubuthane abazalwane bamahlelo ahlukene enkonzweni yomkhuleko ehlelelwe ukuba ibe ngaloMgqibelo, Meyi 29, e-Anderson Park, ePinetown, entshonalanga yeTheku, ngo-10 ekuseni.
UDkt. Nomusa Madlala odume ngelikaMama uSiphithiphi ohlele lenkonzo ngokubambisana nenhlangano egqugquzela ukuzethemba nokubuyisa isithunzi kwabesifazane, iSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane (SINW) uthe ngemuva kwezehlakalo eziningi kufikile kuyena ukuthi kube nalenkonzo ezodidiyela zonke izinceku nezincekukazi zikaNkulunkulu ukuba kuzokhululekwa ndawonye. “Akekho uNkulunkulu umuntu amthembe njengomuntu wesifazane, nasebhayibhelini uma izinto sezonakele uNkulunkulu ubebiza abesifazane, kuyabonakala ukuthi manje sikusiphi isikhathi emhlabeni,”usho kanje.
Uqhube wathi, nakulesi sikhathi uNkulunkulu uthembe abantu besifazane, ukushintsha yonke into. Ngomkhuleko singashintsha izinto eziningi. Sikhulekela izwe lakithi, sikhulekela abaholi, sikhulekela imindeni, yabantwana, nesifo esiphumile, sizokhulekela yonke into. Lilonke sizokhulekela iNingizimu Afrika yonke. Yingakho kuzobe kubuthene abantu abasuka ezweni lonke ukuzokhuleka kulomkhuleko isiqubulo sawo esithi: “Rise and Thresh O Daughter of Zion”. Phakathi kwabo kuzobe kukhona abasuka eGoli, e-Eastern Cape, KwaNongoma, eVryheid nasezindaweni ezahlukene kuzokhulekwa. Yingakho sibize nabomama abathenjiwe uThixo, ngoba konke kuwumkhuleko, owesifazane olahlekelwe yithemba uzophuma etsheliwe ukuthi uSukuma kanjani,”usho kanje.






