Kwelulekwe abafundi ngokubaluleka kwenhlanzeko

0
45

AMAPHOYISA esiteshi saseMlazi aphume umkhankaso okufundisa abantwana ngokuzivikela ekutheni babe izisulu zobugebengu nokuhlukumezeka, baphinde bafundiswa ngokubaluleka kwenhlanzeko kanye nendlela yokuziphatha.

Amaphoyisa abengahambi wodwa kulo mkhankaso kodwa ebehambisana nosonhlalakahle begumbi lokunakekela izisulu zokuhlukunyezwa (Victim friendly room) beDurban Life Line, abophiko lwezokuPhepha kanye nokuXhumana komphakathi, kanti bonke bahambele isikole samabanga aphansi iSukuma Primary school ukufundisa abantwana ngokuzivikela. USergeant Sithembile Shezi wophiko lokulwa nobugebengu uthe abantwana base Ningizimu Afrika baphila ngaphansi komthethosiseko obanikeze ilungelo. Lo mthethosisekelo uvikela abantwana ekutheni bangaxhashazwa, bangabi izisulu zodlame kanjalo bangahlukunyezwa. Ngokomthetho wakuleli umntwana oneminyaka esuka ku-0 kuya ku-18 umntwana.

USergeant uShezi uchazele abafundi ngezinhlobo zamalungelo abanawo, okubalwa ilungelo lokuba nophahla, ukudla kanye nezingo zansuku zonke. Utshele abafundi ukuthi kubalulekile ukuthi bangalixhaphazi ilungelo labo.”Kubalulekile ukuthi nigcine amakhaya ehlanzekile, kanjalo nesikole lesi enifunda kuso kumele nisigcine sihlanzekile. Vikela impahla yesikole ekutheni ingashabalali ukuze nabanilandela ngemuva bayifice isasesimeni esihle,” esho. Utshele abafundi ukuthi ukuhlukumezana bebodwa ngeke kubekezelelwe. USergeant Shezi uphinde watshela abafundi ukuthi akumele behleke abanye abafundi uma bebona beyophaka ukudla kwesikole, ngoba baqhamuka kumakhaya angefani. “Uyekeni lo mkhuba wokuphatha izikhali eziyingozi kanye nezidakamizwa esikoleni, ngoba lezi zenzo zinomthelela omubi kwikusasa lakho,” kuchaza uShezi. Usonhlalakahle weDurban Life Line uNks Thuli Taylor uthe abafundi ababike uma kunomuntu omthinte ngendlela angayithandi. “Ngisho kungathiwa uThisha, umfundi okanye umuntu omaziyo, uma ekuthinta endaweni ongayithandi kufanele ubike ukuze athathelwe izinyathelo zomthetho. Nabafundi besilisa nabo abangafeli ngaphakathi uma kukhona umuntu obathinta ngendlela abangayithandi,” kuchaza uTaylor. Uveze ukuthi abafundi ababike uma bethintwa amabele, isitho sangasese kanjalo nezinqa, kumele babike ngokushesha emaphoyiseni. UNks Taylor utshele abafundi ukuthi kubalulekile ukusheshe ubike isigameko sokudlwengulwa ukuze kuqoqwe ubufakazi. “Uma udlwenguliwe, into yokuqala okufanele uyenze ukuphuthuma emtholampilo okanye esibhedlela, ukuze kuqoqwe ubufakazi obuzodingwa amaphoyisa. Uma ufika esibhedlela uzohlolwa udokotela, bese kuthi usonhlalakahle akweluleke ngokomqondo, amaphoyisa athathe isitatimende,” esho ephetha.