ANC vs AFR

0
62
Bekungasiniswa mahleza kukhankaswa ku-Ward 6, elokishini eMpumalanga ngaseHammaradale, uSol. TB Ngcobo uMengameli we-AFR enamanye amalungu eqembu ngaphambi komkhankso. kwesinye isithombe uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, ephelezelwa uSihlalo weqembu kulesi sifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala kanye noSihlalo wohlaka lwesikhashana kwisifunda iTheku, uNkk Zandile Gumede ngesikhathi kuyofuqwa umkhankaso ngoLwesine.

Bekushubile kukhankaswa eHammarsdale

UBUNGENE kwelinye igiya umkhankaso wokugaya amavoti ku-Wadi 6 elokishini eMpumalanga ngaseHammarsdale ngesikhathi omengameli bamaqembu bavala umkhankaso wokugayela amavoti amalungu amaqembu afolosa ngabo ngoLwesine.

Kucace bha ukuthi umbango omkhulu kule wadi uphakathi kwe-African Freedom Revolution (AFR) kanye ne-African National Congress (ANC) njengoba uMengameli we-AFR, uSolwazi Bhishobhi TB Ngcobo ubetheleke nezakhe kule wadi ukuzogalela amavoti uNksz Nozipho Hlongwane. UMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa nayo utheleke nolwakhe udwendwe ukuzoshayela isipikili sokugcina ephelezelwa uSihlalo wohlaka lwesikhashana lwe-ANC kwisifunda saseThekwini, uNkk Zandile Gumede kanye noSihlalo wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, ukuzoqinisekisa ukuthi lewadi ayiphumi esandleni se-ANC njengoba yona ifolose ngoLungisani Sikhakhane. Lolu khetho lokuchibiyela lubanjwe kulandela ukushona kobelikhansela lewadi uMnuz Lucky Nhlanhla Mngwengwe oshone ngoJanuwari kulonyaka ngemuva kokugula. Ukubaluleka kwale wadi ku-ANC kubonakale ngokuthi selokhu umkhankaso uqaliwe ibilokhu ithumela osondonzima bayo.

Phakathi kosondonzima be-ANC abatheleke kule wadi ngezinsuku ezehlukene kubalwa umgcinimafa wayo, uMnuz Paul Mashatile, ilungu lesigungu sikazwelonke, uDkt. Zweli Mkhize, amalungu ahlukene ezingeni lesifundazwe njengoba umkhankaso iwuphothule ngoMengameli wayo uMnuz Ramaphosa. I-Economic Freedom Fighters (EFF) yize ingabathumelanga osondonzima bayo, kodwa uSihlalo wayo esifundeni iTheku, uMlebuka Hlengwa, uthe ukufolosa kwabo ngoBless Gumede kulolu khetho lokuchibiyela kule-wadi kuyizinkomba zokuthi sebeqale umkhankaso wabo obheke ekuletheni umehluko emphakathini, futhi bafuna ukuwina izinketho manje.