Zitholele umasingcwabisane onempatho

0
98
Abasebenzi benhlangano yokungcwabana abaqinisekisa umsebenzi oseqophelweni eliphezulu

LELI yithuba lakho lokuthi wehlukane noqhibukhowe bomasingcwabisane abakwethembisa ukukwenzela konke enisuke nivumelene ngakho ngesikhathi ujoyina, kodwa ekugcineni ukhalele imali ojoyine ngayo.

Amalungu enhlangano kamasingcwabisane iVezomuhle Funeral Parlour, elokishini eMpumalanga ngaseHammarsdale nengxenye yentshonalanga yeTheku bazwakalise okukhulu ukukuthokozela ukubakhona kwalenhlangano yokugcwabana kuleli lokishi, athi iyisibusiso kubo. Bathi selokhu yabakhona akukho lapho benezikhalo khona, kusukela ekukhokheni kuze kuyoshaya nasesigabeni somsebenzi wokungcwatshwa kwelungu lomndeni oshonelwe.  “Siyafisa ukuthi lomasingcwabisane ungaqhubeka nalendlela osebenza ngayo, ngoba nabasebenzi bakhona benza isiqiniseko sokuthi uphuma ugculisekile futhi banesineke,”kusho elinye ilungu elithi lisanda kwenzelwa umngcwabo walo ngesizotha yilomasingcwabisane obukeka ungohluke kakhulu kunabanye omasingcwabisane abakhona. “Mina ngafika kulomasingcabisane ngisenkingeni ngemuva kokuba ebengiwujoyinile wenqaba ukungingcwabela ilungu lomndeni wami, ngoba uthi besingakashayi isikhathi sokuba yilungu eligcwele, kwakusasele inyanga eyodwa, kodwa uVezumuhle wangitakula kuleyonkinga. Ngiyababonga ngoba ababeki imali phambili kodwa izenzo zabo ziyakhombisa ukuthi bakhonela ukuzosiza umphakathi,”kusho elinye ilungu elithe alazi ukuthi uma lomasingcwabisane wawungekho lalizokwenzenjani.

“Ngiyafisa ukuthi umphakathi uwujoyine lomasingcwabisane ngoba indlela abasebenzi nabaphathi bawo abanempatho ngayo, bavele bafane nomndeni wakho,”kusho omunye othe yena kuthe ngesikhathi eshonelwe bakwenza konke ngesineke. Akukho lapho bebetatazele khona okuyinto athe yenzeka kwabanye omasingcwabisane. Abenhlangano iVezomuhle Funeral Parlour amahhovisi abo angemuva kwasezitolo kaMagaba maqondana nesiteshi samaphoyisa, ngaphandle nje kokuba namahhovisi bayinhlangano yokuqala yabamnyama ukuba namakhaza endaweni okungadingi ukuthi umzimba wothandiweyo wakho ubekwe kwenye indawo. Inkolelo yalenhlangano enesiqubulo esithi, “Sikwenzela umsebenzi omuhle onesizotha ngaso sonke isikhathi” ephethwe ngokubambisana nguMnuz Bongani Kweyama noNkk Zanele Kweyama, ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyakudinga ukubekwa ngesizotha endlini yakhe yokugcina akukhathalekile ukuthi ukuliphi izinga lempilo.

Okufike kwehluke kakhulu uma uqhathanisa nabanye omasingcwabisane ukuthi ayikho imali yokujoyina oyikhokhayo, kuphela wena uyajoyina mahhala, bese kuthi ekupheleni kwenyanga ukhokhe imali yanyanga zonke elungele lolohlelo lokungcwaba olukhethile njengoba benezigaba ezintathu, kusukela ku-A,B kanye nesigaba-C. Okunye abehluke ngakho nabaziqhenyayo ukuthi bawumasingcwabisane wokuqala ukuthi uma ushonelwe yilungu lomndeni wakho ungayikhokhi imali kadookotela. Bakungcwabela noma ungelona ilungu futhi ulinda izinyanga ezintathu bese uba yilungu eligcwele. Okuhle ngalenhlangano ukuthi uma kwenzeka wehlelwa umkhuhlane ungakazihlanganisi  lezi zinyanga ezintathu bayawenza umsebenzi wokufihla ilungu lakho ngesizotha kwazise kunezinye izinkampani kungenzeki kanjalo.

Lenhlangano yokugcwabana inamalungu eHammarsdale namaphethelo, okubalwa khona elokishini eMpumalanga, eMophela, KwaNyuswa, eMlaba Village, eGeorgedale, Sithumba, KwaNdengezi nasengxenyeni yezindawo ezakhele iPinetown namaphethelo. Uma ufiks emahhovisi akhona wamukelwa ngenkulu imfudumalo yizisebenzi zakhona ezinomusa. Amahhovisi avulwa nsuku zonke. Kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kuvulwa ngo-8 ekuseni kuvalwe ngo-4.30 ntambama, ngezimpelasonto kuba yingxenye yosuku, kodwa kuyekwenzeke bakulinde uma kukhona okuphuthumayo. Banezimoto zikanokusho ukuqinisekisa ukuthi akukho okulimaza izinhlelo, futhi isikhathi bayaqaphela ukuthi abasebenzi babo bayasigcina ngokwesivumelwano abasuke besenze nalowo oshonelwe, futhi nasemkhakheni wamatshe amathuna bakhona. Ngeminye imininingwane mayalana nezinhlelo nezimali ozikhokhayo ngokwesigaba osijoyinelayo ungashayela ku-0317710084 /0729368223 / 0733576083 noma ku-0815027699 ukuze uthole lonke ulwazi olungakusiza. Kwelizayo lindela bezikhulumela abanye asebethole ukusizakala kulomasingcwabisane ukuze ubone ukuthi akusengwa ezimithiyo ngezethembiso.