
UBishop Welcome Vela Mthimkhulu obambe iqhaza enhlanganweni esungulelwe ukusiza abaphuma emajele, ekanye namalungu ayo noJele emcimbini wokusiza abahlwempu kanye nabo abaphuma emajele obukamuva nje
INHLANGANO yomphakathi engenzi nzuzo iqhamuke nohlelo olusha oluvula abaningi umqondo ngezindlela zokwamukela labo abebeyiziboshwa beboshelwe amacala ahlukene ngokuthi babe yingxenye yokuba wusizo emphakathini ngamakhono abawafunde ngesikhathi besadonsa izigwebo zabo ejele.
Lokhu kuvele emcimbini we-Four Corners emahhovisi abhekele ukuhlunyeleliswa kwezimilo eThekwini lapho ababeyiziboshwa bebethola amaphasela okudla kanye nokusabalalisa ulwazi lwabo kubantu abantula amakhono obekuhambisana nohlelo lokubhekelela abakhahlamezwe wuKhuvethe. Ngokusho kukaBishop Welcome Vela Mthimkhulu ongumholi nomsunguli webandla lamaZayoni i-Angels Church of God Community in Zion obambe iqhaza ekusizeni ukunxusela kuMdali ababuya emajele aphinde abaxhumanise nomphakathi futhi ongusihlalo wekomiti lika-Sukuma Sakhe ku-Ward 12 ubona lolu hlelo luwusizo kakhulu ekuletheni ukwethembana phakathi kwabahlukunyezwa nababeyiziboshwa. Lenhlangano eyasungulwa nguSifiso Sithole yabaphuma emajele ababeboshwe eminyakeni naye owayisiboshwa nayisungule ngokusizwa nguBishop Mthimkhulu ebaluleka ukuthi bavule inhlangano engenzi nzuzo ukuze bakwazi ukusizakala abantu abaphuma emajele. Lolu sizo bazoluthola ngokusebenzisda amakhono abo. “Uma uphuma ejele kudinga ukuthi ujuluke ukuze ukwazi ukuthola ukudla, akufani nangalesiya sikhathi ungaphakathi ejele lapho ofika khona udle ulale, uphinde udle ulave,”kusho uBishop Mthimkhulu.
“Uma usuphumele ngaphandle impilo isuke isishintshile. Yingakho abantu uma bephuma emajele bephumela ngaphandle bafike impilo isishintshile, bathi bekungcono ngaphakathi emajele, benze okuphambene babuyele ngaphakathi futhi,”kuqhuba uBishop Mthimkhulu. “Silwa nokuqeda leso sihlava siyiFour Corners nebandla i-Angels Church of God Community in Zion. Uhlelo lwethu lolu esithi ngalo uma abantu bephuma emajele asihlanganeni njengomphakathi sikwazi ukuthi uma bebuya namakhono abo emajele sibasebenzise njengomphakathi. Bafundise abanye abantu ukubhaka, ukushisela, ngoba maningi amakhono abasuke bebuye nawo okudinga ukuthi sibasebenzise ngoba siyakuqonda ukuthi bahamba bonile kudinga ukuthi uma bebuya sizame ukwakha izindlela zokudala uxolo phakathi kwabo nomphakathi,”uqhube kanje. Uqhubeke wathi yena njengoMdidiyeli wohlelo luka-Operation Sukuma Sakhe ku-Ward 12 ngaphansi kukaMasipala weTheku nokuwuhlelo olubhekele intuthuko nenhlalakahle yomphakathi , wathi kuningi okuhle loluhlelo olukwenzile, wathi ubonga uMasipala weTheku kanye noHulumeni ngoba ezinhlanganweni zomphakathi ezingenzi nzuzo kukhona okuhle olukwenzayo. Unxuse amabandla nabaholi bawo ukuba basukume babe yingxenye yalezi zinhlelo futhi abefundisi babacelele enkosini ukuphila.






