
OWESIMAME osemncane waseMlazi uguqule uthando lwakhe lokuhamba izindawo zobumnandi nezithengisa inyama walusebenzisela ukuqala elakhe ibhizinisi ngenhloso yokuguqula isimo sasekhaya.
UNks Gabisile Hlongwane wasesigcemeni sakwa-E, wanquma ukuvula elakhe ibhizinisi ngemuva kokunengwa ukuthi umholo wakhe wawungamsizi ekufezeni izifiso zakhe. Wavula indawo ethengisa inyama iThe Local Shisanyama esebenzela kwa-R khona eMlazi. “Ngikhule umama engasebenzi edonsa kanzima. Ngazitshela ukuthi ngizokwenza ngakho konke okusemandleni wami ukushintsha isimo sasekhaya. Ukusebenza akungisebenzelanga, ngabona kungcono ukuqala ibhizinisi,” kuchaza uHlongwane. Uthe umqondo wokuvula ishisanyama wafika ngenkathi ebona ukuthi umholo awanele, uphelela kwizidingo zakhe kuphela ekubeni engakasiguquli isimo sasekhaya ngendlela afisa ngayo. Uthe wabe esesungula leli bhizinisi ngoba ilona ayenolwazi lalo. “Ngihlose nokuthi ngidlale indima ekufukuleni umnotho wakuleli lokishi, ngiqashe nabantu basendaweni ukuze bezokwazi ukondla imindeni yabo,” kusho le ntokazi esiphinde yasungula ibhizinisi lokuthengisa izinwele iHair with Flir by Siso. Omabili la mabhizinisi asungulwa ngo-2020.
Uthe ukholwa ukuthi lokhu kuzokhiqiza imisebenzi, kubuyise ithemba kubantu abasha. UHlongwane uthi ufisa ukudlondlobalisa ibhizinisi lakhe kuze kufike lapho lithola khona amakhasimende aqhamuka nakwamanye amalokishi. Kulesi sikhathi esincane esendimeni yamabhizinisi, uHlongwane usefunde lukhulu njengokubaluleka kokuhlonishwa nokuphathwa kahle kwamakhasimende, ukusetshenziswa ngendlela efanele kwenzuzo nokunye. Ibhizinisi lakhe liqashe abantu abathathu. Livulwa kusukela ngo-9 ekuseni kuze kube u-9 ebusuku. Uthe nakuba kunzima njengoba leli bhizinisi laziwa njengalawo aphathwa abantu besilisa kodwa uphokophele phambili, futhi ukholwa ukuthi uzophumelela.
Uphethe ngokweluleka abantu abasha abafisa ukusungula amabhizinisi ukuba beqale ngokusebenzela emphakathini abahlala kuyo, wathi ukuze ibhizinisi lizophumelela kumele ledlule kuzo zonke izigaba ngendlela efanele. “Ibhizinisi lifana nengane, alivele libe likhulu kodwa likhuliswa kancane kancane. Kubalulekile ukuba uzihlelele, unganaki nokuthi abantu bathini ngawe. Abantu abasha abavuke bezithathe, beyeke ukuthembela kuhulumeni,” kusho uHlongwane. Uphethe ngokuthi anxenxe bonke abazifelayo ngenyama emnandi yokosa, ukuthi bavakashele indawo ayisebenzelayo.






