Babonga umphakathi abaphathi beHammarsdale Junction nabePine Crest

0
456

ABAPHATHI bezinxanxathela zezitolo ezimbili ezisentshonalanga yeTheku, iHammarsdale Junction, eHammarsdale kanye nabePine Crest, ePinetown bazwakalisa okukhulu ukubonga emphakathini ngokubawusizo ekukhucululeni ngemuva kwesehlakalo sangenyanga edlule sokuhlaselwa kwezitolo, kwatatshwa nempahla.

“Sibonga asiphezi emphakathini wethu othandekayo wasePine Crest ngoxhaso lwenu nokusikhuthaza kulandela izibhelu ezihlasele inxanxathela yethu yezitolo. Ngabe asikho lapho sikhona ngaphandle kwamakhasimende ethu aqotho. Sigqugquzelwa ngukunakekela, ubuqotho nokuhlangana kwenu. Kwenze nabasebenzi bethu, abaqashi nomphakathi wonkana, babone ukuthi sibumbene ndawonye.Siqhuba kahle endleleni yethu yokubuyisa esimeni futhi siyaqinisekisa ukuthi sizobuya sesikulungele ukunisebenzela ngezinhliziyo ezimhlophe maduze,”kusho isitatimende sabaphathi bePine Crest.

“Siyithimba le-Hammarsdale Junction sifisa ukudlulisa ukubonga kumphakathi wethu othembekile ngokuqhubeka ukusixhasa kanye nokusikhathalela njengoba sisazama ukudlula kulesisimo esibhekene naso. Siyazinqenya ngokubambisana nomphakathi waseHammarsdale ekwakheni i-Hammarsdale Junction. Ukusixhasa kwenu kusipha amandla futhi kubuyisa ithemba lekusasa eliqhakazile. Siyaniqinisekisa ukuthi bonke abathengi, abasebenzi kanye nophakathi ukuthi sizovula maduze nikwazi ukuthola izidingo zenu,”kusho isitatimende sabaphathi beHammarsdale Junction Mall, eHammarsdale.