
Africa 2022
INTOKAZI yaKwaNdengezi entshonalanga yeTheku, esihlabane ngezicoco ezahlukene emiqhudelwaneni kazime, ithi izimisele ngokuthi kube yiyona ehlabana ngesicoco sikaMiss National South Africa 2022.
USindisiwe Pearl Magcaba ongomunye wabangenele lomqhudelwano kazwelonike wonobuhle osungulwe ngo-2020 nguThabo Mkhize ophethe inkampani yezokumodela, iDM Models, uthe uzibona ewuwina lomqhudelwano. Okusempeleni wona lomqhudelwano bekufanele ukuthi ube ngo-2020 kodwa kwangenzeka ngenxa yokuhlasela kobhubhane lwe-Covid-19, wahlehliselwa u-2021.Inhloso yalomqhudelwano ukwakha ubudlwano ezintokazi eziphokophelele amadlelo aluhlaza, abaholi bakusasa kanye nokukhuthaza abantu abasha entuthukweni ukuze kudaleke amathuba emisebenzi ngokunjalo nokwesekana kwabesifazane.
USindisiwe phakathi kwezicoco aseke wahlaba ngazo kubalwa nesokuba uFace of Miss Dream Chasers, wabanguMiss Generosity 2019 (Queen) ukukha nje phezulu. Ungomunye okungangabezeki ukuthi angabonwa ebalwa nozime bakuleli abadlisela abanye bamanye amazwe ogageni uma kuya ngokwamaphupho akhe. Ngokusho kwakhe umuntu uyosibonelo sakhe esihle uZozibini Tunzi ongomunye owaba u Miss South Africa eminyakeni ebalwa edlule. “Ngizibona ngiwuwina lomqhudelwano futhi into ezongenza ngiwine ukuzethemba kwami nokuthi ngisebenze kanzima,”kusho uSindisiwe.
Elulelaka abafisa ukungenela imiqhudelwano kazime uthe: “Kuwo wonke Ama models, ukungawini emqhudelwaneni akusho ukuthi sekumele uzitshele ukuthi kwemanye ngeke usawina kuhlezi kushiwo ukuthi, giving up is not an option (ukuphosa ithawula akusona isinqumo esiphusile)”.






