Umunyu umndeni ulanda ngosizi lwezikhukhula KwaNdengezi

0
300

YIZE sekuphele inyanga kube nezimvula ezinamandla ezishiye kukhalwa ikakhulukazi eThekwini namaphethelo, kodwa izinhliziyo zisalokhu zinsonsothe njalo emalungwini omndeni wakwaHlophe KwaNdengezi ngaphandle kwasePinetown.

Lokhu kuvele engxoxweni yabemithombo yezindaba ngosizi lomndeni obhekene nalo njengoba iningi lemindeni ibhekene nenkinga yokuthi ezinbye zezihlobo zayo azikatholakali, ezinye kunemibiko ethi zagqibeka ngesikhathi kuwa izindlu. Lomndeni wona uthi, uhleli nezidumbu ezingu 11 egcekeni, ezigqibeke ngezikhukhula. UNks Thulisile Hlophe othe: “Ubuhlungu bokufuna abantu ungabatholi kuvele kuthi angikhale akusibona bodwa futhi la kunamathuna (esho ekhomba), kunabantu ababalelwa kwabangu 10 abamukile abangakatholakali. Sisho ugogo wethu ongakatholakali la hhayi ukuthi kumnandi, akumnandi. Siphuza wona la manzi futhi sigeza ngawo lamanzi futhi ngendlela okubuhlungu ngayo noHulumeni ngeke awasebenzise lamanzi. Kubuhlungu kakhulu esibhekene nakho. Sidinga usizo, lokwelulekwa ngokomqondo, sithole ukudla, sithole nendawo yokuhlala ngoba ngeke sikwazi ukuhlala endaweni enje. Akekho uhulumeni ofikile akekho uMasipala, sidinga ngisho ugandaganda, kubuhlungu ngisho izandla sizigumbela. Abafikayo bagcina phesheya bathi akudluleki ugesi ne, ukuza”.

UNks Sithembile Hlophe elanda ngokwenzeka uthe: “Kwaqala kwawa indlu, nakhu seliwile udonga, kwavuleka umgodi, ababephakathi endlini bashona phansi kwaphela kanjalo. Kuthe sisabheke lokhu kwaqubuka amanzi esingazi ukuthi aqhamuka kuphi, yiwona afika abanamandla ashaya umuzi ngoba u-anti wayesemnyango elinde izingane. Sabona yonke into eyenzeka phambi kwethu, umfula wabe usuhlangana nalo oqhamuka phezulu. Selokhu kwenzeka lento ubuthongo angisabazi. Ngiyayibona yonke lento eyenzeka phambi kwami, nokucabanga ukuthi ingabe izingane lapho zikhona zinjani futhi kwenzakalani ngazo.Siqwasha kuze kuse. Uma kuqala ukuhlwa ivuka ibe yintsha.

UNks Nonhle Zwane umama wengane uthe: “Ngalolusuku okwenzeka ngalo abantu bafika bezongivusa bethi ugogo wengane utholakale emfuleni, izingane azithokali kuze kube yinamhlanje, kodwa ugogo sesimfihlile. Sicela usizo lokuthi sikwazi ukuthjlla izingane zethu, sicela noxhaso ngoba nomuzi wawa wonke, asisele nalutho sisele dengwana nabantu uma  befika bezosisiza, bafike babheke bangabe besabuya”. “Ngibuhlungu kakhulu ngomntanami. Ngiyamdinga, ngidinga noma yithambo lakhe ukuze ngikwazi ukuthi ngizomngcwaba. Angikhulelekile emoyeni nobuthongo abufiki. Sicela usizo lokuthi kumbiwe sikwazi ukuthola ingane nalaba abasele la ekhaya bakwazi ukuthola usizo nokudla ngoba izingane ziyaqubuka futhi sikhishwa yizisu ngalamanzi esiwaphuzayo,Usho kanje.

UNks Londiwe Hlophe naye oshonelwe yingane ngenxa yalezi zinvula ezinamandla uthe: “Ngizizwa ngikhathazekile kakhulu, ngakube kungcono ukuthi izingane siyazithola. Ngibuhlungu kakhulu ngoba ingane yami yiyona kuphela ebenginayo futhi ngiyikhulise kanzima. Bengicela abakwazi ukungenelela bangenele ukuze sikwazi ukubathola futhi sikwazi ukubafihla. Kubuhlungu kakhulu ngoba u-anti simtholile, kodwa uma sibona ithuna lakhe kuvuka lokho kokuthi ngakube kungcno ukuthi bonke sibabekile kwakwazi ukudlula. Nombhede ababelele kuwona awutholakali. Sinalo Themba lokuthi bakhona khona la phansi ngoba sesiwahambile wonke amakhaza sizama ukubabheka Asibatholi”.

UMnuz Zithulele Hlophe uthe, “Angiphathekile kahle ngiyacabanga ngalento eyenzekile ngoba umunzi okuyiwona omkhulu yiwo lo ohambile ngoba nami bengithi nali ikhaya. Manje ngiyacabanga. Kubuhlungu babhubhile abantu, izinhliziyo zethu zibuhlungu”. Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bayazwelana kakhulu nalo mndeni, wathi akwaziyo ukuthi benza konke okusemandleni beyizinhlaka ezaplukahlukene zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi abantu bakithi abalahlekelwe yizihlobo zabo biyakwazi ukuthi babalekelele. “Esikucelayo nje ukubekezela, siyabazi bonke ubuhlungu abakubo njengamanje, kodwa esikucelayo ukuthi sibekezelelwe ngoba umonakalo owenzekile mukhulu kakhulu besingawulindele, nawo lomndeni ngeke usale ngaphandle,”kusho UMnuz Mayisela.