Uyaziqhenya omele lesi sifundazwe kuMrs SA 2021

0
30
UThando Mbokazi okowamanqamu kaMrs SA 2021 ukhuthaza abesifazane ukuthi bawasebenzise ngokuziqhenya amakhono abo

UKUGXILA ezinhliziyweni nokukhuthaza ukuzethemba nokuzimela kwabesifazane kanye nokubheka empumelelweni banganciki kwabanye abantu, yilokhu uThando Mbokazi wasePinetown akholelwa kukho njengoba engomunye okowamanqamu kaMrs SA 2021 nokuyiphupho lakhe afisa ukulifeza kwabesifazane baseNingizimu Afrika.

UThando, okunguyena kuphela odlulele kowamanqamu omele lesi sifundazwe saKwaZulu-Natal, umenyezelwe njengowokugcina ukungena kowamanqamu kaMrs SA 2021, kwabangu-100 abazongena kulesi sigaba somqhudelwano. Lesi simemezelo senziwe ngasekupheleni kwenyanga edlule ngesikhathi kuqhubeka umbukiso, kanye nabanye besifazane abazethembayo ngokwakheka kwabo abangu-24, abasezingeni eliphezulu futhi abashadile abavela ezweni lonke. Ngokusho kwesikhulu esiphezulu sikaMrs SA 2021, uJoani Johnson, lo mncintiswano unikeza abesifazane abashadile uhlelo lokuzigqaja nokuzethemba nokuqhakambisa amakhono abesifazane abanamandla, abanethalente nabazethembayo.

UJohnson wengeze wathi le nhlangano ihlinzeka abantu besifazane ngethuba lokutshala izimali zabo kubona nokuthi babambe iqhaza ekwenzeni ngcono impilo yalabo ababazungezile. “Ngaphandle kwezimo eziyinselelo ezilethwe yiCovid-19, bonke abangenele umncintiswano bazibophezele kulolu hlelo futhi basebenza ngokuzinikela ezinhlelweni ezahlukahlukene zokubandakanya umphakathi,” kuqhuba uJohnson. UThando, ozimisele ngokufukula abesifazane, uthe uhlala eluleka futhi ekhuthaza amantombazane nabesifazane abasebasha ukuthi bazihlomise ngolwazi nemfundo ukuze bakwazi ukuzinakekela futhi bagweme ukuxhashazwa nokuhlukunyezwa ngozakwabo. Ubuye wengeza ngokuthi uyakholelwa ngokuqinile ukuthi wonke umuntu wazalelwa isizathu.“Kungumsebenzi wami ukwenza umaki uma nje ngisaphila,” kusho yena. Ukuze uvote, thumela i-SMS uThando Mbokazi ku-35959. Ukuvota kuvalwa ngoNovemba 24, kanti amafayineli angomhlaka 26 kuye uNovemba.