
KUBATSHAZWA ikhono eliyisimanga lentombazanyana esingene emabhukwini omlando ezingane ezenza okungajwayelekile, ngesikhathi yethula ngokusemthethweni incwadi yayo esihloko sithi “A Mind of a Twelve Year Old”.
UMelokuhle Ngcamu (12) ubhale le ncwadi eveza imicabango yakhe ngokwenzeka emphakathini. Incwadi ihlose ukufundisa ontanga bakhe ngezimo ababhekana nazo, iphinde inike abazali ithuba lokuqonda okwenzeka ezinganeni zabo. Incwadi yethulwe emcimbini obuse Berea Congregational Church, eThekwini, ophinde wasetshenziselwa ukubhunga nokucobelelana ngolwazi ngezindlela zokuqeda ubunzima nokucindezeleka emendweni ohlelwa iBreaking the Silence. Isizathu esiholele ekutheni le ncwadi yethulwe kulo mcimbi ukuthi uMelokuhle ukhuluma ngokwenzeka empilweni yakhe ngemuva kokuthi abazali bakhe befake isehlukaniso. Incwadi ihlose ukuthi nezinye izingane zikwazi ukumelana nalesi simo.
UNks Bonisiwe Mthethwa ongumama kaMelokuhle, uthe usamangele ngendlela abantu abamukele ngayo incwadi yendodakazi yakhe. Uthe uyaziqhenya ngokuthi ekwenzile kuzokwenza umehluko ezimpilweni zezinye izingane. “Ungumntwana okuthandayo ukubhala. Bengingakaze ngicabange ukuthi konke akubhalayo kungaze kuhlanganise incwadi ethakaselwa ngale ndlela. Ngisamangele namanje, ngizoqhubeka nokumeseka kulolu hambo ngoba usekutshengisile ukuthi unesiphiwo“ kusho uMthethwa. UNks Zanele Mthethwa onguMsunguli weBreaking the Silence, okuyizigcawu ezaqalwa ngo-2018 ngenhloso yokulwisana nezinkinga ezitholakala emendweni, uthe kusemqoka ukuthi kukhulunywe ngezinhloko ezinzima ukuze kuzotholwa izisombululo. “UMelokuhle usitshengisile ukuthi asikho isihloko okumele kungakhulunywa ngaso nokuthi izingane ziyathiteka kokwenziwa nezinqumo ezithathwa abantu abadala. Sisamangele ngakwenzile emcane kangaka. Utshengise ubuhlakani obuyisimanga,” kusho uMthethwa. Nakuba uMthethwa esabhala izincwadi eziningi ezithinta izihloko zokwelapha umphefumulo kodwa uMelokuhle ungumbali wokuqala owethule incwadi yakhe ngaphansi kwenkampani. Umcimbi ubunezikhulume ezehlukene ezithinte kwezinye zezihloko okubonakala kusenzima ukukhuluma ngazo.






