EZEMDLALO zenza umehluko omkhulu ezimpilweni zezingane, zizifundisa ukubaluleka kwenhlonipho, ukuzihlelela isikhathi, zikhuthazeke nokusebenza ngokuzimisela ukuze kuzofezeka amaphupho wazo.
Emva kokubona lokhhu, uSensei Sipho Nzuza wasungula uhlelo lokuqeqesha izingane zaseMlazi kumkhalambazo ngenhloso yokuzivikela kuzona zonke izinto ezimbi ezenziwa abantu abasha bakuleli lokishi.
UNzuza uqeqesha lezi zingane ehholo lomphakathi lasesigcemeni sakwa-D. Uthi ngokwenza lokhu, uhlose ukufundisa izingane ngezindlela zokuziphatha ukuze zizokhula zibe ngabaholi abaqotho, abazofika noshintsho eMlazi.
“Izingane ziyazi ukuthi amakarateka awaphuzi, futhi awabhemi. Anendlela ekhethekile yokuziphatha. Lokhu kuzozifundisa ngobungozi bezidakamizwa, zizokhula zazi ukuthi ngisho zibhekene nobunzima obungakanani kodwa izidakamizwa azisiso isixazululo,” kusho uNzuza.
Uthe nakuba izinto zisahamba kahle kodwa okuningi akwenzeki ngendlela afisa ngayo ngenxa yezinkinga zezimali. Uthe okwamanje zonke izindleko zisadla yena ephaketheni, okwenza kube nzima ukuthi abhekelele zonke izidingo zezingane.
“Ngingakuthokozela ukuthola uxhaso njengoba sidinga ama-punching bag, ama-Gi, nezinye izinto. Akusibo bonke abantwana abaphuma emakhaya ami kahle, abanye abanazo izinsiza okuphoqa ukuthi ngigcine ngibathengela ngeyami imali,” kuqhuba uNzuza.
Izingane eziqeqeshwa uNzuza kulo mdlalo sezinqobe kwimqhudelwane emnini, zathola izindondo namamedali. UNzuza yena useke wahambela emazweni ehlukene omhlaba lapho afike wathola khona izindondo namamedali.
Uthe ufisa ukuthola konke abakudingayo ukuze izingane zizothola amathuba afanayo nala awathola ebunganeni bakhe. Ufisa nokubambisana nezinhlangano zomphakathi nezinhlaka zikahulumeni ekufundiseni intsha ngezindlela zokuziphatha.
Abanesifiso sokuxhumana noNzuza bangathintana naye ku: 0826668274.






