
UMBANGO wesikhundla sikaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uzobonakala ushuba, njengoba amagatsha ehlukene ephakamise amagama abantu abahlukene njengalokhu abancamelayo kulesi sikhundla engqungqutheleni ezayo yokukhetha ubuholi.
Njengamanje amagama ahamba phambili kubalwa elikaSihlalo ophethe, uMnuz Sihle Zikalala, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uMnuz Siboniso Duma nosomabhizinisi uMnuz Sandile Zungu – abelokhu ejikeleza emagatsheni e-ANC esifundazweni.
I-ANC izobamba ingqungquthela yesishiyagalolunye yokukhetha ubuholi eThekwini kusukela ngoJulayi 22. Lengqungquthela bekulindeleke ukuthi iqale ngoJulayi 17 iphele ngoJulayi 19, kodwa yahlehliselwa uJulayi 22.
Lokhu kuqinisekiswe ngumkhulumeli weqembu esifundazweni, uMnuz Nhlakanipho Ntombela ngoLwesithathu olwedlule, othe amagatsha abengakafinyeleli u-70% odingekayo, okumele kuhlangatshezwane nawo ngokomthethosisekelo weqembu ukuze ingqungquthela iqhubeke.
Leli qembu linikeze wonke amagatsha kuze kube uJuni 30 ukuthi abize umhlangano wawo wegatsha (BGM) ukuze aqoke izithunywa zengqungquthela futhi aphakamise abaholi abahlanu abaphezulu abakhethayo kanye namalungu abengeziwe.
UNkk Dube-Ncube, osenguNgqongqoshe wezeziMali eKZN, noZikalala, onguNdunankulu waseKZN, baphakanyiswe ngokusemthethweni ngamagatsha abo ngenyanga edlule.
Yize uZungu noDuma bezimisele ngokulinganayo, uZikalala noDube-Ncube bathathwa njengabaseqhulwini njengoba vele besebenza kuhulumeni, futhi baseseka kakhulu.
Isikhundla sikasihlalo wesifundazwe sinamandla ngaphakathi kuKhongolose njengoba sithwele amathemba okuba undunankulu.
Igatsha likaZikalala, iMillion Meyiwa eNdwedwe, lapho ehlala khona, limphakamise ukuthi aqhubeke nokuba ngumshayeli wamabhanoyi weqembu ngokuthi wakwazi ukuqondisa kahle uhulumeni wesifundazwe ne-ANC ngezikhathi ezinzima.
Igatsha likaLinda Nzama, KwaMashu, lapho kudabuka khona uNkk Dube-Ncube, liphakamise igama lakhe, lathi njengendodakazi yomhlabathi enolwazi olunzulu kuhulumeni, uzobuyisela isifundazwe esimweni saso sakudala. UNkk Dube-Ncube ubeyilungu leKhabhinethi lesifundazwe elinamava kunabo bonke, useke wasebenza ezikhundleni ezintathu.
Bobabili uZikalala noDube-Ncube bebematasa behambela izifunda ezahlukene futhi begqugquzela ukwesekwa ngokuthula izifundo zesikhumbuzo. Umkhankaso kaZungu awuzange ubambe iqhaza njengoba kungekho sifunda aseke wamukelwa.
Engxoxweni kamabonakude esanda kwenziwa, uZungu ukuqinisekisile ukuthi ulalele ikhwelo lokuthi angenele isikhundla sikasihlalo kubantu abehlukene esifundazweni.
UZungu uthe i-ANC ibheke phansi futhi idinga ukushintshwa ngaphambi kokhetho luka-2024.
Ukhumbule amakhono akhe kwezamabhizinisi kanye nempumelelo yakhe njengento esemqoka ku-ANC. Umnikazi we-Amazulu Football Club uthe usezihambele zonke izifunda futhi uxhaso lwakhe luyamangalisa.
NgoLwesihlanu olwedlule, uZungu uvakashele lowo owayengumengameli uJacob Zuma eNkandla “eyobonisana” ngesinqumo sakhe sokwamukela ukuqokwa kwakhe.
UDuma, oyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni nophinde abe nguSihlalo woSihlalo esiShayamthetho, ukuqinisekisile ukuthi uphakanyiswe ngamagatsha ahlukene.
Uthe uzokwamukela ukuqokwa . Mayelana nezifiso zakhe, uthe: “Kuyisinqumo esihlangene, ngeke ngikwazi ukusho engikufunayo noma engikwaziyo. “Uma amagatsha engibona ngifanelekela isikhundla esithile akukho engingakwenza, wusiko lweqembu ukuthi konke esikwenzayo sikwenza ngamagatsha,” kusho uDuma.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, ubethe amagatsha anikezwe impelasonto edlule ukuthi aqedele imihlangano yawo. “I-PEC izohlangana phakathi nesonto ibuyekeze ukuthi mangaki amagatsha akwazile ukubiza i-BGM yawo. Isinqumo sokwelula sizothathwa ngokwesibalo salabo abangakwazi ukuhlangana,” usho kanje.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Bheki Mngomezulu, waseNyuvesi yaseWestern Cape, uthe yize kubhekwe abadlali abafana noZikalala noDube-Ncube kodwa asikho isiqiniseko kwezepolitiki kuze kube uyaphela umcimbi.
“Sinezinkomba ngokwenzeka ngo-2017, lapho umbhalo wawucishe ube sodongeni ukuthi uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma wayehamba phambili, kodwa ngebhadi kwathi ngehora leshumi nanye uMengameli okhona, uMnuz Cyril Ramaphosa, wadla umhlanganiso.
“Njengoba uSihlalo ophethe uZikalala ekhona kubonakala bungekho ubunzima azobhekana nabo kulaba abathathu, ngoba uma uthatha uZungu akanayo imithwalo yepolitiki ngakho kunabantu abangafuna ukumsiza. ukungabaza ngithi ‘asimnike ithuba sibone ukuthi uzonikela ngani’,” kusho uMngomezulu.
Uthe isipiliyoni sikaNkk Dube-Ncube njengosopolitiki angeke sehliswe njengoba ebonakale enekhono emikhakheni eyahlukene. Uthe nokho bobane abazongenela ukhetho kukhona abakulindele kodwa konke kuzoncika osukwini.
“Ukuthi uZikalala uphakanyiswe ngamagatsha amaningi akusona isiqinisekiso sokuthi uzowina ngoba ngelinye ilanga kwipolitiki wusuku olude kakhulu, ngisho amahora athile angashintsha ezinye izinto.
“Kodwa njengoba izinto zimi bonke banakho okudingekayo ukuze bathathe isikhundla; kuzoya ngokuthi kwenzekani phakathi kwamanje nokhetho lwangempela ngosuku ngoba kodwa konke kuzoncika ngalolo suku ngoba noma kungathiwa uyahola asikho isiqiniseko sokuthi ekupheleni kwengqungquthela uzophuma unqobile,” kusho uMngomezulu.






