
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkz Lindiwe Zulu, obevakashele iSilokotho Primary Cooperative njengengxenye yesabelomali sakhe sika- 2022 ngoLwesihlanu ngoLwesihlanu olwedlule uhlabeke umxhwele ngendlela lo mfelandawonye osebenza ngawo ekudaleni amathuba omsebenzi.
Lo mfelandawonye, ozinze ePinetown entshonalanga yeTheku, ungumfelandawonye wabamnyama okhiqiza izinto zokuzivikela, kanye nemikhiqizo yendwangu yobuchwepheshe.
ISilokotho sasungulwa eMlazi ngo-2011 ngamalungu ama-co-operatives amahlanu (abesifazane abathathu nabesilisa ababili), abamukela inselelo yokuntuleka kwemisebenzi elokishini kanjalo nodaba lwezingane eziyizintandane ngenxa yokusabalala kwegciwane lengculazi.
Umfelandawonye, okumanje uqashe abantu abangamashumi amathathu, iningi labo okuyintsha baselokishini laseMlazi, usukulungele ukukhula futhi uzitholele amakhasimende awo, uzitholele ezawo izimpahla futhi ungene ezimakethe ezintsha.
I-National Development Agency (NDA) ixhase iSilokotho Primary Cooperative ngemali engu-R479 836.50 yokuthenga amathuluzi nemishini ezokwenza bakwazi ukungena ezimakethe ezinkulu nezizinzile. Ezinye izinkampani eThekwini sezizwakalise ukuthi ziyakuthakasela ukusebenzisana neSilokotho uma sekukhona amandla okukhiqiza ngezinga elidingekayo. I-NDA ifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi iSilokotho sifinyelela esikalini esidingwa yimakethe futhi sikhulise umthamo waso wengqalasizinda.
‘’Silapha namuhla njengengxenye yomsebenzi we-NDA wokuqinisekisa ukuthi bayaweseka imifelandawonye ukuze isize ukuqeda ubumpofu eNingizimu Afrika. I-NDA isisiza ukuthi sifezekise inhloso kahulumeni yokudala amathuba emisebenzi esimeme.
Sifuna abantu bakithi bathole ukwesekwa kuhulumeni ukuze bakwazi ukuziphilisa futhi iSilokotho siyakwenza lokho. Baqasha abantu abasha futhi banezinhlelo zokuyikhulisa ezizobabona bekhula futhi badlulele ezimakethe ezinkulu futhi baqashe abantu abaningi. Ngiyawubonga lo mfelandawonye ngokuba yisibonelo senhloso yokuxhaswa nguhulumeni ngezimali ezinhlelweni ezisimeme,” kusho uNks Lindiwe Zulu.
Ngaphambilini uNgqongqoshe enkulumeni yakhe yeVoti leSabelomali uveze ukuthi i-NDA izokwabelwa izigidi ezingama-R219 kwisabelomali ukuze kuqinisekiswe ukuthi Izinhlangano Zomphakathi (kuhlanganise namadlelandawonye) ziyasekelwa emzamweni wazo wokuthuthukisa inhloso kahulumeni yokuqeda ubumpofu eNingizimu Afrika. UNgqongqoshe uveze ukubaluleka kwe-NDA yokweseka imizamo kahulumeni yokudala amathuba emisebenzi:
‘’ Njengoba izinkampani zehlisa noma zivala ukusebenza kwazo, i-NDA izokwakha amathuba emisebenzi angu-3 000 kulo nyaka wezimali. Kulokhu, ezi-2 300 zizokwakhiwa ngokuqaliswa koHlelo Lwamavolontiya oluzoxhaswa ngePhakeji likaMongameli Lokugqugquzela Ukuqashwa.”
I-NDA izimisele ukusebenzela ukudala amathuba emisebenzi kanye nokweseka imifelandawonye efana neSilokotho ezoqinisekisa ukuthi isu lokudala amathuba emisebenzi likhiqiza imisebenzi esimeme futhi lisekele ukufukulwa kwabesifazane nentsha. Ngaphezu kwalokho, i-NDA iyavuma ukuthi lokhu kungafezwa kuphela uma uhulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye namabhizinisi beqhubeka nokwakha ubudlelwano obuzoletha imiphumela esimeme.






