
INHLOKO yoMnyango wezokuPhepha ukuXhumanisa uMphakathi esifundeni saseNtshonalanga yeTheku, uNkk FIkile Buthelezi ugeqe amagula ecobelela abesifazane ngokubaluleka kokuphepha kanye nokweluleka izingane ngobungozi bukuhamba kuze kube sebusuku.
UNkk Buthelezi ubengesinye sezimenywa eziqavile embuthanweni wokubungaza uSuku lwabesiFazane obeluhlelwe yiSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane nokuyinhlangano engenzi nzuzo eyasungulwa nguDkt. Nomusa Madlala odume ngelikaMama uSiphiphiphithi obungoLwesibili olwedlule eHouse of Love and Care Ministries International, ePinetown.
UNkk Buthelezi enkulumeni yakhe ayethulile uqale wachaza kabanzi ngoMnyango wezokuPhepha ukuXhumanisa uMphakathi nomsebenzi owenzayo, ngoba ethi wenzela nalabo abangawuqondi ukuthi usebenza kanjani babe nolwazi. LoMnyango ungeminye kahulumeni emazingeni ahlukene ohamba phambili ekuxhaseni izenhlelo ezisuke ziqhamuka noDkt. Madlala.
“Lomnyango umsebenzi wawo ukwakha ubudlelwane phakathi komphakathi namaphoyisa, lapho esifike sidideke khona singumphakathi, abantu bacabanga ukuthi singamaphoyisa kanti asiwona amaphoyisa. Kuye kuthi uma kukhona inkinga esiteshini samaphoyisa uma uthola ukuthi awusizakali uyabika kulomnyango inkinga obhekene nayo. Usho ukuthi sengifike kaningi kodwa angisizakali, bese siyangenelela uthole usizo,”kusho uNkk Buthelezi.
Uqhube wathi, “Ngiyazi kulezi zinsuku ubugebengu KwaZulu-Natal bunyuke kakhulu. Thina ke la amaphoyisa engabheki ngakhona niyakwazi ukuza kithina nisitshele. Kulezi zinsuku inkinga enkulu ibhekene namathaveni futhi kuyafiwa kakhulu.
Sinazo izinhlelo ezithinta omama abahlukumezekile. Olokuqala uhlelo oluthi: “Kuyoze kube nini”. Yilapho omama behlukumezeka, emakhaya noma ngabe yiluphi uhlobo lokuhlukumezeka kodwa sithi kuyoze kube nini omama behlukunyezwa, izingane zinukubezwa, kuthiwe thula mntanama sizozama. Asisenaso leso sikhathi thina siyabopha uma ngabe umalume ehlukumeza ingane, asisenaso leso sikhathi.
Siyacela ukuthi nibheke izimpawu izingane emakhaya ukuthi ziziphatha kanjani. Lezi zittio kufanele ningazithathi kalula ngoba zikhona ziyenzeka. Ngikhuluma ngento engiyaziyo eyake yangehlela ngengane yami. Asifundeni ukuthandana sizikhulume lezi sindaba. Olunye uhlelo esinalo olodado lapho kubhekwa izingane ngokwamakhono omsebenzi,”kuqhuba uNkk Buthelezi.
Uqhube wathi, “Ngicela ningaluthathi kancane lolu hlelo lukaDkt. Madlala, iTake A Girl Child To Work, lubaluleke kakhulu. Ngesikhathi zitheleka emahhovisi ethu kuningi esikufundile kuzona, ngoba yonke imibuzo bezisishiya sikhexe umlomo ngezimpendulo zazo. Ingane kubalulekile yazi ukuthi yonke into uyayisebenzela.
Ngamanye amazwi ngiyacela singabantu besifazane sibambaneni, isimo njengamanje kade nginengqungquthela yamadoda kuningi akushilo. Uma sihlangene kanje kuba sengathi angeke size shihlukane. Kodwa bengizocela sifane nowesifazane owathi asike sibheke izikhwama zethu ukuthi zinjani”.
“Okuseqinisweni uzothola ukuthi kuyaphithiza cishe amaphesenti angu-10 ezingaphithizi izikhwama. Kunamakhaya lapho othola khona ukuthi alukho uhlelo olulandelwayo lokuphilisana. Thina bomama sizithanda kakhulu izingane zethu ngoba sinezinseka. Kufanele siqale kuseyimanje ukufundisa izingane zethu noma zingafika ngemuva kwesikhathi. Yingakho ngithi masiyiqale kuseyimanje eyokufundisa izingane ngoba sivikela ukuthi izingane zingaboshwa.
Thina siyathandaza, kodwa izingane zethu azithandazi, sithi sisathandaza zona zibe ziphuma. Akekho umzali ofisa ukuthi ingane yakhe ingasizwa sizothandaza ngoba sithembe uNkulunkulu. Ngizothi bomama ubugebengu kulezi zinsuku buqinise kakhulu kulemicimbi ekhona. Buyela ekhaya utshele izingane ukuthi akufanele zihambe kuze kushaye u-8 ebusuku futhi naye u-6 mukhulu kakhulu. Ngixwayisa ukuthi uma kukhona udadewenu ongekho la osezindaweni zakhe, ukuthi umeluleke naye ngokubaluleka kuphepha. Emasontweni kufanele sizikhulume lezi zindaba,”uphethe kanje.






